Lengadi yonke itshalwe i- Spinach lokhu ukuzokwenza ukuba abathengi bathole umfino ngenani eliphansi kanti futhi nomphakathi uzothola ukudla okunomsoco, kuvuleke namathuba omsbenzi. Kunethemba lokuthi izinkinga ekade zikhungethe lengadi zizocazululeka.
Ukukhokhelwa kogesi osetshenziswa yiphampu ukudonza amanzi yikona okuyinselelo. Abasebenzi bathenge ikhandi likagesi ngalolubandlana abalutholayo ukuze bathole amanzi. Omunye wabasebenzi ongathandanga ukuba kudalulwe igama lakhe, uthe,” uyadingeka ukuba kubekhona omunye weziMenenja zika Masipala ozohlala ngokubheka izinkinga ezikhona kule project njalo ngeviki.”
Kubukeka sengathi izinhlelo zokuthuthukisa ingadi yomphakathi eSibongile, zibonakala zithela izithelo njengoba ingadi isiqala ukubahlaza nokuba yinhle emva kokuba iPhephandaba iCourier lashicilela udaba lokuhambi kahle kwezinto.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!