Okuthiwa wenza ucansi nabafundi usola ozakwabo esikoleni
UMmangali kulelicala uNgqongqoshe wezeMfundo kwa -Zulu Natal uMnuz Mthandeni Dlungwane owazivulela yena mathupha icala esiteshini samaphoyisa eNquthu emva kokuba ehambele Ekucabangeni Secondary School ukuyoxoxisana nabafundi kanye nabazali ngesigameko sokubonakala kukathisha wabo enza ucansi nabesifazane okukholakala ukuthi bangabafundi bakhe.

UMsolwa obhekane namacala amabili okuhlukumeza ngokocansi usola ozakwabo ‘ngokumbheca ngobubende inyama engayidlile‘. Uphinde wagxeka abezindaba ngokusabalalisa ngakubize ‘ngamanga’ aholele ekutheni abafundi bashise igumbi lakhe lokulala esikoleni.
Lo mbiko wethulwe nguMmeli wakhe u-John Wesley ngaphambi kweMantshi u-Supersad eNquthu ngoLwesithathu olwedlule ngenkathi enza isicelo sebheyili. Icala lihlehlele uLwesine lomhlaka 15 September. UMsolwa usagqunywe ezitokisini. UMsolwa wazinikela siqu sakhe emaphoyiseni ase-Durban Central Police Station ngokusebenzisana noMmeli wakhe ngeSonto lokugcina enyangeni ka-August.
Ngolwesithathu uMmeli wakhe uvezele inkantolo ukuthi uMmangalelwa ‘akalalanga’ nabafundi kepha abesifazane abonakala enza ucansi nabo kwi – Video abayizinqandamathe zakhe zakudala. Uthi abezindaba badlale indima enkulu edale ukuba abafundi bashise igumbi lakhe lokulala, baqamba namanga futhi bathi, ‘ubalekele ingalo yomthetho’ ekubeni engazange wacingwa ngamaphoyisa. Uthi wawabikela amaphoyisa aseNquthu amphendula kabi wase ezihambela.
UMmeli uphinde wavezela inkantolo ukuthi uMmangalelwa ungumholi wenyunyana yabasebenzi I-NADTU, lelicala lakhiwe esikoleni ukuze kudicilelwe isithunzi sikaMamangelelwa. Uthi uMmeli lelicala lincikene nokubangwa kwezikhundla phakathi kwenyunyana yakhe kanye neyesekela likathishanhloko i-SADTU.
Lokhu ukufakazise ngokuthi ubesanda kwamukela othishela abayisikhombisa kulesikole abajoyine inyunyana eholwa uMmangalelwa kulesisikole athe, kujike kwambangela amazinyo abushelelezi wenzelwa lelitulo.
Bakubeke sobala ukuthi abanye othishela abamisiwe nguMnyango kulesisikole nabo bayingxenye yenyunyana kaMmangalelwa okulwiwa nayo.

UMsolwa uvumile ukuthi umbiko kaMmeli uyiqiniso, kube sekufakwa uMnuz Sfiso Simphiwe Mathebula ohola I-NADTU kwi -Region owethule ubufakazi obuvumelana nombiko kaMmeli.
UMmeli kaMmangalelwa ukugcizelelile ukuthi uMmangalelwa akazukuba yingozi emphakathini nakofakazi ngoba usehlala ebangeni elingamakhilomitha angu -200km, kusuka eNquthu Uthi uMmeli akukho ukusatshiswa akutholile noma asatshiswa ngakho umphakathi ngaphandle.
Uveze nokuthi kusukela ngosuku lokuqala uMmangalelwa ubesebenzisana namaphoyisa waze wazinikela yena engakaze wawabalekela, nakuba engaqali ukuvela enkantolo kodwa akaze walahlwa icala elifanayo. a. Ngaleyondlela uMmeli wakhe ubona imifanele ibheyili uMsolwa ngokuba uzolandela yonke imigomo nemibandela yakhona ngendlela.
Okunye uMmeli kaMmangalelwa wazise inkosi yenkantolo ukuthi uMmangalelwa udinga ukubangaphandle ukuze ezokwazi ukusebenzisana naye kahle ukuqoqa ubufakazi obuqanda ikhanda ukuthi ozakwabo bazama ukudicilela isithunzi sakhe phansi.
Bafuna nobunye ubufakazi obuzogcwalisa umbiko awethulile ngalelicala. UMmeli uphinde wafaka isicelo sokwazi bonke ofakazi bakaMmangali. Ngenxa yesikhathi iMantshi iphoqeleke ukuba ilihlehlise icala.
UMmangali kulelicala uNgqongqoshe wezeMfundo kwa -Zulu Natal uMnuz Mthandeni Dlungwane owazivulela yena mathupha icala esiteshini samaphoyisa eNquthu emva kokuba ehambele Ekucabangeni Secondary School ukuyoxoxisana nabafundi kanye nabazali ngesigameko sokubonakala kukathisha wabo enza ucansi nabesifazane okukholakala ukuthi bangabafundi bakhe.
Ngokusho kukaNgqongqoshe phambilini uthe, “akayedwa uthisha ogila lemikhuba kulesikole, baningi abafundi asebephumele obala kusukela kuqale uphenyo, kanti sinesiqiniseko sokuthi ubufakazi ababuqoqile buzokwazi ukufinyelela esiphethweni esinobulungiswa.”



