Umphakathi wase Nquthu asakhala ngokusweleka kwamanzi
Kanti umnyango ka-COGTA wona usayinise amakhansela isivumelwano sokuba ahambele emiphakathini yawo ukuqinisekisa ukuba ayazazi izidingo zomphakathi ukuze zibe yinxenye yaloMqulu.
Umkhandlu kamasipala waseNquthu uthi usujube amalungu omkhandlu ahlala esifundeni saseMzinyathi kanye neKomidi likaSodolobha ngokukhethelekile ukuba libhekane nenqinamba yokuswelakala kwamanzi eNquthu.
Amanzi anqamuka mihla namalanga emphakathini kanti ezinye izingxenye zomphakathi zona zithi selokhu kwaqala ukhetho lohulumeni basekhaya abawazi amanzi.
Ngolwesihlanu olwedlule umkhandlu uvumelene ngokuphasisa umqulu webhuku lwezentuthuko ezobhekela eNquthu lapho kuthinteka khona ingxenye zokuqashwa kwabasebenzi bomkhandlu abangu 19 abashodayo, ukuqashwa konogada abayisikhonbisa abazoqapha usodolobha womkhandlu, isekela kanye noSomlomo womkhandlu eNquthu. Kanti umnyango ka-COGTA wona usayinise amakhansela isivumelwano sokuba ahambele emiphakathini yawo ukuqinisekisa ukuba ayazazi izidingo zomphakathi ukuze zibe yinxenye yaloMqulu.
Ngomhlangano owedlule kubekwe obala ukuthi amanzi ayinqinamba enkulu emphakathini njengoba kube yisona sihloko okuthiwe safakela izibuko ngokukhulu ukushesha lokhu. Amanye amakhansela abike ukuthi izimoto zamanzi ziyashoda kanti ezikhona zihlinzeka amanzi ngezibongo zezepolitiki emphakathini kanti ngakolunye uhlangothi izimoto zikhona ezinqwabelene eMzinyathi ngoba zifile. UMasipala was eNquthu iwona kuphela obhekene nale Nqinamba yamanzi okufanelwe ilungiswe Isifunda saseMzinyathi esehlinzeka la manzi komasipala abane.
Oluhle uhlangothi lwamakhansela lona luveze umbono wokuthi eNquthu mamje akisafanelwe kuncelwe amanzi eSifundeni, kufanele kutholakale indlela yokuqalaphansi inqala sizinda ezimele yamanzi njengamadamu, amathangi kanye nama-Borwholes ngokuba iningi imali echithwayo ngokuthengwa kwama-watercan agcina ngokuthi efe.
Lokhu kuzwakala kungumbono omuhle kakhulu odinga ukufakelwa izibuko abaholi eMzinyathi jikelele uma uqhathanisa izinhlelo zaphambilini ngesikhathi sika-Dikotela uMthethwa kwachitheka izigidigidi zamaRandi ngenyanga kuhlinzekwa ama-watercan eSifundeni kodwa namuhla abantu basantulela amanzi.



