Local newsNewsSchools

Omama abadayisayo bakhala ngesihluku sothisha baseLivangeli Primary School

Izingane sezize sakuqamba ngegama zathi "imbexe" into engeke idliwe ngisho ibona othisha imbala.

Abadayisela izingane esikoleni iLivangeli Primary bakhathazekile ngokuhlukunyezwa uthishanhloko kanye nothisha basesikoleni.
Labadayisi bakhala ngokuthi othisha bayabalwisa ngokudayisela izingane ama snacks, oswidi kanye nokunye, ekubeni bedayisa buqamama nesikole.UThabisile Ngcobo omunye wabadayisi uchaze isimo wathi “siyahlukunyezwa sibe sizama impilo ngokudayisa futhi okusishaqe kakhulu ukuphucwa kwezingane izinto ezizithengile kuthina, othisha bazistela ukuthi zingathengi komama bangaphandle bathi azithenge kubona ngaphakathi esikoleni”.UNelisiwe Maphumulo naye ongumdayisi uthe “ngonyaka ophelile sastelwa yibo othisha ukuthi asidayise ngokuphuma kweiskole ngoLwesibili, sangakwenza lokho ngoba phela thina sidayisa endaweni yamasipala ayi esakhiweni sesikole”. Okuxakayo ukuthi singabazali nezethu izingane zifunda kusona lesisikole, sidayisa ngoba sizama impilo, eqhuba.

Okuphinde kwavezwa omama abekade beze eCourier ukuthi izingane zithanda ukuthenga kubona ngoba ukudla lokhu okudliwa esikoleni akudleki. Izingane sezize sakuqamba ngegama zathi “imbexe” into engeke idliwe ngisho ibona othisha imbala. uMnz Mazibuko weAbafuyi Gear Farm naye ufikile emahovise eCourier evumelana nabo omama abadayisayo wathi “sibuhlungu ngokuphucwa kwezingane izinto ezizithenge komama abadayisayo, lemali ezithenge ngayo izingane zinikwe yithina abazali bazo, othisha base Livangeli bazenzela umathanda ezinganeni ngoba bethi izingane zeziqaza”.

Lokudla okuphekwa esikoleni azikudli izingane kuze kufike abafuyi abanezilwane bezokuthatha njalo ntambama ngoba izingane azikudli kumbi, eqhuba.

Also Read: Rotadent dentist clinic at Livangeli School 
UThembelihle Mbhele ongomunye womama abadayisayo uthe waqala ukudayisa ngo 2016 kungenankinga, inxabano phakathi kwesikole nabadayisi iqale ngonyaka ophelile. Uchaze wathi “zazithola izincwadi ngonyaka ophelile eziphuma kuthishanhloko ezazithi assize emhlanganweni, wathi asisayine sangakwenza lokho ngoba zazingenayo i ajenda yomhlangano, sasingazi phela ukuthi sisayiniswelani sangaya”.

Also Read:‘Escape’ was not easy at Livangeli School | Northern KZN Courier
Omama abadayisayo abasebenzi lemali abayithola ngokudayisela izingane iyona abaziphilisa ngayo, “lokhu okwenziwa isikole akulungile sithemba ukuthi ngale article sizothola ubulungiswa” kuchaza omunye wabadayisi.
UMnz B Shangase onguthishanhloko wase Livangeli Primary School unqabile ukuphawula ngalezi zinsolo.
UNelisiwe Maphumelo uthe emvakokuba sithintane nothishanhloko ngeviki elidlule babe nomhlangano ngoMsombuluko ekseni baxoxisana njengomama abadayisa nothishanhloko.”Uthishanhloko sivumelene naye ukuthi singadayisa ekseni nantambama emini abantwana bazothenga ngaphakathi esikoleni,” kuchaza uNelisiwe, ngingasho ukuthi udaba lwethu seluxazulekile eqhuba.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button