communityLocal newsNews

ISikhulisa Umqondo Organisation inikelela emphakathini

Inhlangano iSikhulisa Umqondo ucela uxhaso kunoma iyiphi inhlangano engabasiza.

UPastor Z Madlala kanye nethimba lakhe lenhlangano iSikhulisa Umqondo Organisation ibuyisela emphakathini ngokupha abaswele ukudla njalo ngoLwesine edolobheni lase Glencoe ngaphandle kwefirm endala iBiscuit Factory.

Lenhlangano isinezinyanga ezintathu iphakala umphakathi, uPastor Madlala uchaze wathi “kuza noma ubani asikhethile ngabantu esibapha ukudla, kufika ogogo nomkhulu, abampofu,abahlala emgwaqeni kanye nezingane”. Amalunga ethimba asizayo ngokupheka nokuphakela abahlali uMam’Dlalose, Lihle Mhlungu, Khumbulani Sibiya no Siyabonga Zulu kanye naye uPastor Madlala.

“Sicela uxhaso ngoba sisebenza kakhulu ngabantu abadala, abakhubazekile nalaba abanganama khaya” kusho uPastor Madlala. Siqala ngokuthandaza sifunde iBible maseke kuyadliwa, eqhuba.
Ngoxhaso lenhlangano ingakhona ukusiza umphakathi jikelele, uPastor Mdlalose ubuye wacacisa ukuthi “akumele sibahlulele abantu ngoba siyadingana sabantu emphakathini.
Lenhlangano noma incane ngesibalo ngezenzo benza likhulu emphakathini wase Glencoe.

Also Read:

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button