communityLocal newsNews

Abalimi ababuyele emahlabathini ngoba kuyaphileka

Bekunezinhlobonhlobo zokudla okugqugquzelwa ukuthi abantu ababuyela kukona.

UMnyango weZolimo kanye Nokuthuthukisa Amakhaya uhlele umcimbi wezifunda ezine UMsinga, Mvoti, Nquthu kanye ne-Endumeni. Inhloso yamcimbi kwaku kugqugquzela ukudla kwesintu, okubonakala ukuthi abantu sebethathwe ukudla kwesimanje manje, lokhu ukungena mpilo.
Bekunezinhlobonhlobo zokudla okugqugquzelwa ukuthi abantu ababuyela kukona.
Kulokhu kubalwa isijabane, imfino,amahewu, idokwe,ogaywa etsheni ujeqe, inkukhu ebilisiwe, inyama yangaphakathi, umqombothi kanye nesidla esifana nombila othosiwe wagaywa, umbaqanga (ubhontshisi ofakwe impuphu).

UNks Tholakele Dlala obengomunye wabahleli balomcimbi uphawule wathi:” besinanomncintiswano wabaphekayo kanye nabapheke isidlo esidingwa umuntu (balanced food), bekungu kudla ukuyizinhlobonhlobo kanye neziphuzo utshwala besizulu kanye namahewu nedokwe”. Isikhulumi sosuku beku Nksz M Mthethwa wase Nquthu okumlimi ovelele olimayo ongasebenzisi amakhemikhali kodwa izithelo zakhe zi-organic, ukhulumile egqhugqhuzela ukuba abantu babuyele emasisweni, wakhala ngokuthi izingane seziguga zincane ngoba abadli ukudla okunempilo.

Farmers from four districts showcased their cooking skills. They were also granted the opportunity to sell some of their organic vegetables at the conference held by the Department of Agriculture and Rural Affairs in the Moth Hall.

Abantwana abancane abakhulayo abasazi vocavoci njengakudala. UNksz Mthethwa uphawule wathi: “kudala kwakugaywa etsheni umbila wesinkwa noma kwenziwe umdoko ngaleyo ndlela, wawuzivocavoca ngoba uguqile isisu sasibuyela phakathi, izingalo zazijima, uma ungumuntu wesifazane kumele uhambele phezulu ukhwece isisu, uphakamise amahlombe uzigqenye ngesingawe”. Uvale ngelithi asibuyele emehlabathini ngoba kuyaphileka.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button