‘Silwisana nokuhlukunyezwa kwabantu abadala’
"Thuma Mina- umnyalezo ephuma kuMongameli uRamaphosa olwisana nazo zonke izinto ezihlukumeza abantu".
Umphakathi wase Craigside uqale nge-mashi ebinokuthula uphethe amabhodi abhalwe imiyalezo yokuqwashisa ngokuhlukunyezwa kwezingane kanye nabesifazane. Imashi isuke ehholo lomphakathi yahambela izitradi ezintathu kuculwa amaculo omzabalazo kwase kwabuyelwa ehholo.
Ihholo lomphakathi beligcwele phama amalunga omphakathi, abancane nabadala bebezobungaza isiqalo se-16 Days of Activism. USomlomo uLucky Khumalo ubephethe uhlelo. “Njengoba sazi sonke ukuthi besingenaye uSomlomo kanye noSodolobha Endumeni, ngakhethwa njengo Somlomo woMkhandlu, uCllr Mlotshwa wakethwa njengo Sodolobha Womkhandlu evikini adlulile” kuchaza uLucky Khumalo.

IKhansela la Ward-6 ukhansela Makaba ubonge wonke umuntu ophumelele ukuza emashini waphinde wathi: “Phansi ngokuhlulunyezwa kwabantu abadala, nabo banamalungelo, sikhathele ukuhlukunyezwa abantu abasha”. Sizonibopha angeke sibulawe intsha, eqhuba. Uphinde wabonga ngokuphumelela kwaSodolobha kanye ne-Local Task Team ephetwe uMnz Mthembu.
Bekukhona imnyango ehlukahlukene yahulumeni engaphansi kwa Sukuma Sakhe- oletha uhulumeni eduze nabantu. UMnz Mthembu ongusihlalo uhlanganise yonke imyango le ebikhona kule mashi. UMnz Mthembu ukhulume wathi: “Thuma Mina- umnyalezo ephuma kuMongameli uRamaphosa olwisana nazo zonke izinto ezihlukumeza abantu”.
UNolwandle Ntshangase wakwa IEC ubekhona ezogqhugqhuzela umphakathi ukuthi ubhalisele ukuvota kwonyaka ozayo.

Omunye wezikhulumi ebeziqhavile uSanele Buthelezi oyilunga le Golden Palm eSibongile ukhulume ngempilo ekade eyiphila eyamufaka ejele.
Uchaze wathi: “Ngizokhuluma ngendaba yama “phara”, laba abangaziphethe kahle emphakathini. Mina bengiboshwe iminyaka engu 15, ejele ngibone ububi bezidakamizwa, noububi bokungalaleli namhlanje ngilwisana nabantu abahlupha umphakathi, noma ngingelutho ngisele emunva ngokuthi ngakhetha abangani ababhedayo, ngifundile emaphutheni ami. Asikho isihlakaniphi esisebenzisa izidakamizwa,hambani niye esikoleni, nifunde ningakhethi impilo esheshayo ningabi amaphara”, eqhondise entsheni.
USodolobha ubeke amabili nje wathi: “Mina ngikhuliswe ugogo angithandi uhlukunyezwa kwabantu abadala, asisebenzisane namakhansela ukulwisana nezimpande zokuhlukumeza, sizolwa silwisane nesihlava sokuhlukumeza siphinde silwisane nobugebengu”.




