Imboni yamatekisi inekele ngocwepheshe le-laboratory e-Amakhemfundo Primary
Usoseshini wamatekisi ka Dundee Transport oyinxenye kaSANCO uchithe imali engango R220 000 sekuhlangene nezindleko zomcimbi wokuvula ilaboratory.
Imboni yamatekisi ibuyisele emphakathini ngokunikela ngesizinda socwaningo e-Amakhemfundo Primary School elokishini lase Sithembile. Usoseshini wamatekisi ka Dundee Transport oyinxenye kaSANCO uchithe imali engango R220 000 sekuhlangene nezindleko zomcimbi wokuvula ilaboratory.
Inhlangano yase Dundee yamatekisi eholwa ngusihlalo uMnz BM Mthembu uxhumane nenkampani yakwa Lasec ukuthola izinsiza kufunda zezinga elisemgangathweni ophakeme kwezama laboratory.
Umcimbi wokuvula le-laboratory ubungo mhlaka 4 ku Zibandlela, okwakumenye kubo bonke ososeshini abangaphansi ko Mzinyathi ngokuhlangene nomasipala abasondelene Endumeni kanye namaKhosi , ukubungaza lomncimbi onekusasa elizobeka ezingeni elihlabahlosile kwezocwepheshe. UMnz Mthembu uthe:”Amalunga enhlangano asishayele ihlombe isinyathelo sokudlula ekunikeleni ngezinyufomu nezicathulo kodwa bahlongoza ukuhlomukisa ingane ngekhono elizokwenza ukuzenyusa ezingeni lempilo jikelele”.

Kubalulekile ukuqonda ukuthi ayikho into oyifunda usumdala kodwa ukufunda kwenzeka kahle ebunganeni ukuze ikwazi ukuqinisekisa izinto uma ingane inekhono elizokwenza ikwazi ukuzenyusa ezingeni lempilo jikelele.
Kubalulekile futhi ukuthi ingane ifunde esencane ukuze ikwazi ukuqiniseka izinto uma isifika emazingeni aphakeme emfundo.
USANCO uhlabe izinkomo ezimbili ukubungaza lolusuku olukhulu kangaka eSithembile.
Ezihambeli zalomncimbi kubalwa uAyanda Msweli woKhozi Fm, uSodolombha uThabani Mlothswa kanye no Mnz MTJ Ngobese ongusihlalo we-region. Kuphindwe kwabungazwa othisha ababefundisa kulesisikole abakhona nabangasekho bahlonishwa bgezi izindondo.



