Imidlalo yebhola ye Ilenge 39th annual ibe indumezulu enkulu
Okwenze ihluke kakhulu ukuba nemidlalo yebhola lomnqakiswano wabesifazanephecelezi iNetball.
Imidlalo ye Ilenge 39th Annual Soccer Tournament ibe indumezulu enhle kakhulu njengoba lemidlalo ibigubha iminyaka engamashumi amathathu nesishagalolunye yabakhona. Okwenze ihluke kakhulu ukuba nemidlalo yebhola lomnqakiswano wabesifazanephecelezi iNetball. Ubungafunga ukuthi lemidlalo yenzeka endaweni yasemalokishini noma indawo isithuthukile kakhulu kanti indawo yasemakhaya kodwa ukuhleleka nokuhambisana nebophezelo zikaHulumeni ekuthuthukiseni abantu abasha nokubaqoqa ezidakamizweni ikakhulukazi ngamaholide. Okukhulu kakhulu nokugqamile kulemidlalo ukubandakanya abesifazane nabephume izinkalo zonke njengoba amaqembu abengu 14 futhi amaningi avaleleka ngenxa yokuzwa emiva kwesikhathi.
Iqembu lebhola lezinyawo elibe yizingqwele kube yi Happy Hearts lapho iphumelele khona kuma penalties idla iMighty Birds ibiwompetha bangonyaka owedlule. Abalale isithathu kube yi Young Chiefs kwase kuthi isine kwaba yi Come Boys . iHappy Hearts yemuke nesizumbulu sika R20 000 nezindondo zegolide neNdebe baphinde bathola ama Packs akwa Vodacom namabhola. iMighty Birds ithole R10 000 nezindondo zesiliva namabhola akwa Vodacom kwase kuthi isithathu okuyi Young Chiefs yathola uR5000 nejezi nendondo zethusi. Isine okuyi Come Boys yathola Ijezi no R2000.
KwiNetball iLaLiga yase Steadville eMnambithi kube yiyona ompetha kwabesifazane, iLaLiga ikhombise ikhono eliyisimanga nokwenze kwacaca ukuthi liningi ikhono elingakavundilulwa kwi Netball futhi nakwamanye amaqembu libonakele ikhono elisezingeni eliphezulu. iLaLiga yehlule iDream Team kwelamanqamu lapho bekushikisha ufudu ngendlela umdlalo obusezingeni eliphezulu ngayo. Abalale isithathu kube yi New Flames kwasekuthi isine kwaba yiClever Girls.

ILaLiga ihlomule ngo R3000 nendebe ehambisana nendondo zegolide nama packs akwa Vodacom kanye nezipho zakwa Orange Grove. Dream Team ithole uR2000 nezindondo zesiliva kanye nezipho zakwa Orange Grove, isithathu New Flames ithole uR1000 nezindondo zethusi.
Lemidlalo ikhuthaza kakhulu ukubumbana nokuletha ukuthula emphakathini kusetshenziswa ezemidlalo. uSihlalo we Ilenge Football Association akuwuvali umlomo ngobuningi babantu abafikile bezobuka lemidlalo nezinga lebhola lezinyawo ebelisezingeni eliphezulu nokudide abahlola amakhono (Scouts) okuyi Supersport United, Junior Bhengu nomqeqeshi osemkatshubomvu kulendima yezokuqeqesha uZipho Dlangalala bese kuba iAgency ezimele Shinzing Stars Sporting Agency eholwa uTeboho Moloi nethimba lakhe nabo abangawuvali umlomo kumanje kunabadlali abamatasa ngokubatholela amaqembu angabathatha kuPSL, NFD nakuma Academy njengoba abanye besadinga ukuyokhuliswa ngolwazi.
Abanye sebeqalile ukuhlonzwa njengoba ababili bekwazile ukuyodlala iFriendly game no Thongathi FC ngomhlaka 28 December 2018 nalapho kubonakale khona ukuthi basadinga ukubhekwa futhi ukuze bezokwazi ukuthola ithuba. Lokhu kuyaqala ukwenzeka emuva kweminyaka ewu 39 lemidlalo yabakhona kodwa ithemba asikakalilahli njengoba siqonda ukuthi noMoses waseBhayibhelini kwamuthatha iminyaka ewu 40 ukufika eCanan nakuba engafikanga yena kodwa bakwazi ukufika ayehamba nabo nathi obaba mkhulu bethu babengazi ukuthi izinga lalemidlalo iyofika kulelizinga njengoba bona babedlalela Izinkomo nezimbuzi kodwa namuhla imiklomelo sekungeyemali ebhekile kakhulu.



