UKhisimusi washeshe wafika kwimndeni eyisikhombisa ehlwempu eSithembile
Yonke lemindeni idlulisa ukubonga kuMnz Ndabandaba bafise nokuthi akwenze kubona aphinde akwenze nakwabanye.
Amaholidi akaKhisimusi abalulekile kakhulu kuwo wonke umuntu kodwa umangabe ikati lilele eziko lesisikhathi kuba isikhathi esinzima kakhulu. Ingakho UMnz Sipho Ndabandaba ((iMenenja kaMasipala eMzinyathi) kanye nomsebenzi wakhe bakhethe ukukhumbula laba abahlwempu kulesi sikhathi samaholidi. Imindeni eyisikhombisa yawudla kahle kakhulu uKhisimusi nyakenye ngenkathi iMenenja yakaMasiphala uMnz Ndabandaba ebaphe amaphasela okudla. Ilunga lomphakathi kanye nomsebenzi wakhona kamasipala bakhetha imndeni empofu elokishini laseSithembile, ukuthi bangasaleli ngaphandle ngenkathi yonke imindeni ilungiselela uKhisimusi.

Kulemindeni sahlangana nomndeni wakwa Maphanga owasthengisa intokozo kanye nenjabulo ngekhathi ithola lesisipho, ugogo Maphanga wathi: “Sithokoze kakhulu ukuthi nathi njengoba sizihluphekela kunomuntu osicabangile, siswela imilomo ezinkulungwane ukubonga ku Sipho Ndabandaba (imenenja kaMasipala eMzinyathi) ngathi kunganda lapha athathe khona iNkosi imubusise”.
Imndeni eyahlomula umndeni wakwa Mnz Ndoni Nkosi, Busisiwe Nxumalo, Gabazile Khanyile, Nosipho no Enhlemahle Mbatha, Maphanga nomndeni wakwa Ntuli. Yonke lemindeni idlulisa ukubonga kuMnz Ndabandaba bafise nokuthi akwenze kubona aphinde akwenze nakwabanye.




From Left: Phindile Maphanga, Gogo Sibongile and Nomusa Maphanga.




