NewsSchools

Bafundiswe ngokubaluleka kokuvota bafundi base Emphathi Combined

Othisha base Emphathi Combined baluthakazelile kakhulu uhlelo bafisa ukuthi luqhubeke lifundise abafundi kuzo zonke izikole.

Abafundi bebanga lesikhombisa Emphathi Combined School bebephume ngobuningi bezolalale emhlanganwen obuyingqophamlando. Bafundisiwe kabanzi ngokuzuzwe eminyakeni eyi25 yentando yeningi. Baphinde bafunda ngokubaluleka kokuzibandakanya nokhetho lwamhlaka Meyi 8.
Lo mhlangano ubuhlelwe uMnyango wakwa Government Communication and Information System ngaphansi kwesifunda Umzinyathi, ebambiseneno Mnyango
wakwa IEC eDundee.
Okhulumele uMunyango Wezokuxhumana kwa GCIS uchaze loluhlelo njengo lufindisa intsha ngokubaluleka kokuzibandakanya nezinto ezithinta inkululeko eyazuzwa ngo1994.
“Namuhla sizokwenza isiqiniseko sokuthi nazinge Ntandoyeningi, futhi nibe ingxenya yezinhlelo zikaHulumeni ezilethwe uHulumeni ukuze kuthuthuke izimpilo zenu. Siyazi alikafiki ithuba lokuthi nivote kulonyaka kodwa senzela ukuthi nifunde nikhule nazi kabanzi ukuthi yikuphi ekumele nikwazi umasekufika isikhathi sokuthi nivote.” Kuchaza uThandinkosi Zulu obemele uGCIS.
Othisha base Emphathi Combined baluthakazelile kakhulu uhlelo bafisa ukuthi luqhubeke lifundise abafundi kuzo zonke izikole.

Grade Nine learners from Emphathi Combined School had a presentation from Government Communications and Information Systems (GCIS) and the Independent Electoral Commission on the importance of voting.

HAVE YOUR SAY:
Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za.  Add us on WhatsApp 071 277 1394.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button