Local newsNews

Umndeni othole indlu yoxhaso kanye ne-furniture

Umnz Mahaye oyikhansela ubongele umndeni waphinda wabanxusa ukuthi bengawudayisi lomuzi.

Umndneni waka Kunene elokishini lase Dlamini, eDundee wakhelwe uhlobo olusha lomuzi okubizwa nge-Pilot Project.

Umndeni waka-Kunene ubusuhlale isikhathi eside endlini eyakhiwe ngopulasitikhi unethwa nayizimvula. Umasipala wendawo eNdumeni wakhetha imindeni eyisikhombisa ehlwempu ngeviki lwe-Public Service ngonyaka ka-2014.

I-Operation Sukumasakhe ibe isithatha isinyathelo sokudlulisela loludaba kuMnyango wokuHlaliswa Kwabantu. I-National Home Builders Registration Council (NHBRC) yase isinikela ngokwakha lendlu. Umasipala wona wanikela ngomhlaba ekwakhelwekhona umndeni wakwa Kunene.

Indlu le eyokuqala esifundazweni sase KZN eyakhwe ngohlobo lwe-IBT elisetshenziswe yiNational and Overseas Modular Construction System (NOVERSEA). Amalunga omndeni azohlala kulendlu mahlanu, uNkszn Welile Kunene (52) ujabule kakhulu esebona indlu yakhe imile emvakweminyaka emihlanu eyilindele.

“Ngangizisthela ukuthi lendlo iyotholakala sengingasekho emhlabeni, kodwa ngiyajabula kakhulu ngokuthi igcine yakhiwe emvakwenimnyaka. Bengixakekile isikhathi eside ngiswele indlu, ngiyabonga kumasipala kanye noMnyango Wokuhlaliswa Kwabantu kanye no NHBRC ngempahla yanokusho abangithengele yona.”

UMnz Mzwandile Ntanzi, Technical Services Acting Manager, ukhulume ngokuziqaja kwalendlu: “Uhambo esilihambile libe impumelelo noma bekungelula sibonga ukuthi igcine yakhiwe indlu. Loluhlobo lwendlu alakhiwele umndeni waka Kunene elokuqala kwisifundazwe saKwaZulu-Natal.”

Umnz Mahaye oyikhansela ubongele umndeni waphinda wabanxusa ukuthi bengawudayisi lomuzi, ngoba abantu bafike behlupheke iminyake behluphekele indlu uma sebeyitholile bajika bayithengise abantu.

Okungajwayelekile ngaloluhlobo lwendlu:

Loluhlobo lwePilot Project lingaphansi kwe-IBT elisetshenziswe yi-NOVERSEA. Uhlelo lokwakhiwa kwezakhiwo olwakhiwe kuzwelonke nolwe-Overseas Factory luqukethe uhlaka lwensimbi ethwala imithwalo esezingeni eliphakathi kwegridi engu-1016 mm. Uhlaka luqukethe ojantshi besisekelo, amakholamu wesiteshi se-lipped nemizila ephezulu lapho izingodo noma izingqimba zensimbi ziqondiswa khona.

Izindonga zangaphandle zigqunywe ngaphandle ngebhodi le-Everite Nutec fiber simenti ngaphakathi nangaphakathi ne-Fire-stop gypsum plasterboard ukwakha izindonga eziyize. Izindonga zangaphakathi zigcwele nge-gypsum plasterboard. Izimbobo zodonga lwangaphandle zihlala zifakwe insimbi yokufaka ingilazi engu-40mm.

Izimbobo zodonga lwangaphakathi zifakwa kuphela ngengubo yoqobo yamaminerali angu-74 mm. Izindonga zakhiwe odongeni lwesisekelo sezitini ezinezimbozo zokhonkolo naphansi kombhede wokhonkolo.

ALSO READ: Community threatens action if houses are not built


HAVE YOUR SAY:
Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za.  Add us on WhatsApp 071 277 1394.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button