CrimeNews

Kuboshwe owesifazane kwelokubulawa komyeni wakhe

Unkosikazi uboshwe kanye nosolwa ukuba yinkabi kwelokubulawa komyeni wakhe.

Lolo Madonsela

Ukhalelwe amasongo kasigonyela ngolwesiHlanu owesifaze osoleka ekubulaweni komyeni wakhe KwaGqikazi oLundi.
Lo owesifazane, Nksz Samkelisiwe Ndlovu (37) uboshwe kanye nowesilisa okusolakala ukuthi uyinkabi, Mnu Bright Mlambo (25), ecaleni lokubulawa kwalowo owayengumyeni ka Ndlovu, Mnu Bongokuhle Zungu (38).
UZungu wabulawa ngo Ntulikazi, ngomhla ka 30 kuwo lonyaka ngemumva kokuthola ucingo kwelamabili kumuntu owazibiza ngowomthetho.
Umbiko wamaphoyisa uveze ukuthi ngemumva kokuthola lolocingo, UZungu wavuka wayovula isango, wathola ababegqoke njengamaphoyisa futhi bezibiza ngawo amaphoyisa.
“Omunye wabasolwa wayephethe ivolovolo, abasolwa base betshela umufi ukuthi bazobheka izibhamu. Umufi wabe esekhipha ivolovolo lakhe kanye nekhadi elim’gunyaza ukuphatha ivolovolo, okwabe abasolwa sebeyalithatha”, kuchaza okhulumela amaphoyisa, eZululand Cluster, uKapt. Nkocy Gwala.
Umbiko wamaphoyisa uphinde wachaza ukuthi abasolwa babe sebelayela unkosikazi kamufi ukuthi ake ashenxe ngoba besafuna ukufakana imilomo nomyeni wakhe.
Kuthiwa wathi esephumele ngaphandle unkosikazi kamufi, wezwa kuqhuma inganono, wathi nyawo ngibelethe, wayocasha bufuphi lapho abona khona abasolwa begoduka ngezinyawo.
Wathi esebuyela ngaphakathi endlini, wabhadama umyeni wakhe elele phezu kwegazi, esephangalele; nokuyilapho ayesethinta khona abomthetho.
“Umufi wayenamanxeba amahlanu okudutshulwa esifubeni, amathathu emhlane, elilodwa esilevini, elilodwa onyaweni lakwesokudla, elilodwa emlenzeni wangakwesokudla, elilodwa ohlangothini, elilodwa emunweni inkombane kanye nelilodwa esithupheni”, kuqhuba uKapt. Gwala.
UNdlovu noMlambo baboshwe ehostela lakwaMashu, eThekwini; bethwesa icala lokubulala. Babe sebevela phambi kwenkantolo yaseMahlabathini okokuqala ngoMsombuluko, ngomhlaka 02 kwephezulu.
Babuyiselwe esitokisini kuze kufike umhlaka 09 kwephezulu, lapho bezovele phambi kwenkantolo futhi ukuzocela ibheyili.

Suspects remanded in custody and will appear for bail hearing on December 09.

Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button