Local newsNews

Ibhubesi uMalcolm “belivembela”ukwebiwa kwemfuyo

Lezibalo ziphinde ziveza 13,948 wezinkomo, 9109 wezimvu kanye 5567 wezimbuzi ezebiwe

Ukufa kwalelibhubesi lesilisa, uMalcolm ebeseliyisiphazamiso emphakathini, kubange impikiswano njengoba beselibonwa njengesithiyi ekwetshiweni kwemfuyo. Ukugcwala izinkalo kwalelibhubesi iskathi esingaphezu kwezinyanga ezimbili, belihambe lishiye lishaye labhuqa amankonyane ayinqwaba. Lokhu kuye kwaholela ekutheni lilahlwe phansi ngenhlamvu kwelinye ipulazi eliphakathi kwe Dundee ne Vryheid.

Kodwa abalimi abakhulume naleliphephandaba bathe izinga lokwebiwa kwemfuyo liye lashona phansi njengoba uMalcolm ayegcwele izinkalo. Bathe lokhu kwenze ukuthi izigelekeqe zemfuyo ziphile ngokwesaba ukuthi kwazona zaziyophenduka idili lika Malcolm. Abalimi abazimele nabasafufusa balahlekwele imali elinganiselwa ku R1.3 wezigidigidi kunyaka zimali ka 2018/19. Kanti izibalo zobugebengu ezikhishwe uSAPS zikhombise ukuthi ukwebiwa kwemfuyo kuye kwakhuphuka ngo 6,5% ngo September ka 2019 ezweni lonke, lokhu okuhlanganisa u29 672 wemfuyo entshontshwe kusuka ngo April 2018 kuya ku March 2019.

Lezibalo ziphinde ziveza 13,948 wezinkomo, 9109 wezimvu kanye 5567 wezimbuzi ezebiwe. Lokhu kuhlanganisa 1518 wamahhashi kanye 48 wezimbongolo ezantshontshwa ngaso lesikhathi. Okhulumela umnyango wezolimo kwaZulu Natal, uMack Makhathini uthe,

“Umnyango wezolimo ubambisene nabezenkonzo yezilwane (veterinary services) basebenza ngokuzikhandla emikhandlwini eyahlukene, belekelela abalimi ukuthi bamake imfuyo yabo baphinde bathole nezigcwadi eziyisiqinisekiso ukuze basizakale uma belahlekelwe imfuyo”.

Ophethe iRed Meat Producers Organisation, uGerhard Schutte uthe bayakholelwa ekutheni ukumakwa kwemfuyo kuyokwehlisa izinga lokwebiwa kwemfuyo. “Ucwaningo luveze ukuthi izibalo zokwebiwa kwemfuyo zikhuphuke ngo 6.5% kodwa ucwaningo alikuvezi ukuthi yini imbangela. Ngakho ke sikholelwa ekutheni ukuhlangana ngobugebengu obuhleliwe sekungenele kulomkhakha”.

Usihlalo we National Stock Theft Prevention Forum, okuyinhlangano efaka abezomthetho iStock Theft Unit, abasenzi bakahulumeni, izinhlangano zabalimi kanye nezifundiswa; uWillie Clack uvumelene nokushiwo ngu Schutte. Kwezasekhaya, iGlencoe Stock Theft Unit isisebenze ngokuphumelela ekutholeni imfuyo eyebiwe iphinde ivalele labo abanesandla kulokhu.


HAVE YOUR SAY:
Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za.  Add us on WhatsApp 071 277 1394

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button