Dundee CourierMunicipalNews

DUNDEE KZN: iMeya inxusa imiphakathi ingalahli udoti budlabha

The Mayor has appealed for everyone to keep the town clean as hygiene fears rise

uMasipala waseDundee ukomeliswe indondo yokuba nedolobha elihlanzeke kakhulu uma liqhathaniswa nabanye umasipala abalingana nawo eKZN. uMeya uMdluli uthe “lendondo kanye nomkumelo ongu-R375 00, ngiwudlulisela kumaqembu akamasipala akhuthalele ukuhlanza lendawo kanye nabahlali abaqikelela njalo ukusikhuthaza ukuthi sigcine indawo yethu ihlanzekile”.

Kepha, uvume ngokugcwele ukuthi indaba yokungcola kwedolobha yiyo yezingqinamba abahlale bebhekene nayo. “Isifo seCovid-19 sifundise kakhulu ngokubaluleka kwenhlanzeko. Asigcine indawo yethu ihlanzekile zikhathi zonke. Ayingiphathi kahle neze indaba yadoti lona olahlwa e-Extension 20 eduze komgwaqo u-Colley, okusho khona ukuthi abanye abahlali balahla khona udoti wabo, isizathu sokuthi benze lesi senzo siyimpicabadala njengoba umasipala unabo abantu abathutha udoti”.

uMdluli ubese nxusa bonke abantu kanye nezokole ukuba bazifundise ngenhlanzeko ngokungancolisi lapho abasuke bekhona. “Lendondo iwuphawu lokuma, asenzeni indawo yethu Endumeni yibe indawo ehlanzekile kunazozonke, lena inselela engiyidlulisela kuwo wonke umhlali walapha”.  

  HAVE YOUR SAY: Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za.  Add us on WhatsApp 071 277 1394.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Terry Worley

Terry Worley has been associated with the Courier for many years and is involved in the community covering a variety of issues affecting residents. He has a passion for local politics and for the history of the area.

Related Articles

Back to top button