Local newsNewsVryheid Herald

VRYHEID KZN:Umkhankaso wokufundisa abavoti

Kubaluleke kakhulu ukuthi nibhalisele ukuvota ngoba uma kwenziwa isabelo mali zika Masipala imali ekhishwayo ihambisana nokuthi bangaki abantu ababhalisele ukuvota kuleyondawo abazodinga izidingongqangi.

IsiShayamthetho saKwaZulu-Natali, ngokuhlanganyela nenhlangano esingethe ukhetho i-Indepependent Electoral Commission (IEC) kanye nomnyango wezindaba zabantu (Home Affairs) babambe umkhankaso wokugqugquzela abantu ukuba bavote okhethweni lohumeni basekhaya oluzoba ngenyanga ka Okthoba. Lomkhankanso obe impumelelo enkulu ubugxile ezifundeni ezimbili esifundazweni sakwaZulu-Natal, e-Zululand kanye nakwa Mhlabuyalingana. E-Zululand amalungu esiShayamthetho Kanye nezikhulu zaka IEC naka Home Affairs zihambele indawo yokugibela amatekisi edolobheni eVryheid zaphinda zahambela nase lokishini lase Mondlo lapho bezifundisa khona abantu futhi zibagqgquzela ukuba babhalisele ukuvota. Ithimba ebeliseZululand beliholwa uMhlonishwa Makhosazana Zungu oyiphini likaSihlalo woZihlalo (Deputy Chairperson of Committees) ehambisana ne Meya yase BaQulusini Kanye namakhansela. Ithimba ebelise Northern KwaZulu-Natal lona lihambele ka Mhlabuyalingana Kanye nase Mtubatuba, kanti beliholwa iPhini lika Somlomo uMhlonishwa uThemba Mthembu. Ekhuluma nabantu base Mondlo uZungu ubanxusile ukuthi baqinisekise ukuthi bayakubhalisela ukuvota ukuze bakwazi ukuthola izidongo nqangi emiphakathini yabo. “Kubaluleke kakhulu ukuthi nibhalisele ukuvota ngoba uma kwenziwa isabelo mali zika Masipala imali ekhishwayo ihambisana nokuthi bangaki abantu ababhalisele ukuvota kuleyondawo abazodinga izidingongqangi. Uma ningabhalisi uMasipala wenu uzothola imali encane ungakwazi ukunilethela intuthuko,”kusho uZungu. Yize noma abantu abaningi bebekhala ngokugqoza kwentuthuko ezindaweni zabo, babukeke bekusimamela ukubona amalungu esiShayamthetho bathola nethuba lokubhodla ngezinkinga ezikhungethe imiphakathi yabo. Abantu abaningi elokishini lase Mondlo bakhale ngobugebengu, ukungacoshwa kwemfucuza, kanye nenkohlakalo eyenzeka uma kuphuma ukudla okusuke kuzonikwa abantu abagulayo. “Kunama food parcels akhishwa uDepartment of Social Development ukuze asize abantu abahluphekayo la eMondlo, ikakhulukazi okuwogogo kodwa lokho kudla kunikwa abantu abadla izambane likapondo,”kusho isakhamuzi sase Mondlo uNonto Mthembu. UZungu uthe isiShayamthetho sizoziphenya zonke izikhalazo ezilethwe abantu base Mondlo siphinde sibuye sizobabikela ukuthi iziphi izinyathelo ezizothathelwa labo abakhwabanisayo Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button