NewsVryheid Herald

Ivulwe ngokusemthethweni indlu kagogo kawadi 10 oNdini

"kumndeni wakwaMtshali namhlanje sizoyivula ngokusemthweni lendlu seningenza noma yini kuyo, asigcinanga lapho kodwa sinithengele nefenisha kulefenisha kukhona imibhede emibili, ikhabethe (wall unit), itafula nezitulo (coffe table), amkhethinisi kanye negilosa.''

Ngolwesithathu oluphelile imeya kaMasipala wasOndini umhlonishwa Wilson Ntshangase ehambisana nabakwa Buildrite, bavule ngokusemthethweni indlu kwagogo Mtshali KwaLangakazi ku wadi 10 oholwa uKhansela Ndlela.

Inkulumo ka Mhlonishwa uMeya, ubonge wanconcoza kubaphathi bakwa BuildRite ngomsebenzi omuhle abawenze kulendawo ngokufaka isandla ekwakheleni ugogo indlu. ” Izandla zidlula ikhanda bahlobo bami kuyasijabulisa kakhulu siwuMasipala wasOndini ukuthi uma sidinga uxhaso kini nisukumele phezulu ngoba kungesikho ukuthi sizifunela thina kodwa sukufunela mphakathi wakithi. Baningi kakhulu abantu bakithi abadinga usizo olufuze lolu. Kuyiqiniso futhi ukuthi ukwakha izindlu aziwona umgomo wokusebenza kukaMasipala. Kepha abahlobo bethu laba bayasilekelela kalula sisize abantu bakithi. ”

UMeya uNtshangase uqhube wathi “kumndeni wakwaMtshali namhlanje sizoyivula ngokusemthweni lendlu seningenza noma yini kuyo, asigcinanga lapho kodwa sinithengele nefenisha kulefenisha kukhona imibhede emibili, ikhabethe (wall unit), itafula nezitulo (coffe table), amkhethinisi kanye negilosa. Ngiyabonga kini nonke enithe naphumelela sizobungaza lolusuku lukagogo namhlanje nadela konke naba kanye nathi. Ngithokoza kakhulu.”

UMnu u Mtshali oyinduna kulendawo yakwaLangakazi ubongele umndeni wakubo ngokwakhelwa uMasipala wasoLundi nokubambisana nabakwa Buildrite.” Lelikhaya likababa livukile, ngeke besalala phandle naye usezofana nawo wonke umuntu ophilayo emhlabeni. Sithokoza kakhulu kuMeya uNtshangase. ”

ALSO READ:Umndeni othole indlu yoxhaso kanye ne-furniture

The news provided to you in this link comes to you from the editorial staff of the Vryheid Herald, a sold newspaper distributed in the Vryheid area.

Click to receive news links via WhatsApp. Or for the latest news, visit our webpage or follow us on Facebook and Twitter. Join us there!

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button