communityDundee CourierLettersLocal news

LETTER: Kungani siphoqwa ukufaka izamfonyo e-Emphathi Clinic

Ngokwazi kwami isifonyo usifaka uma uthanda awuphoqelekile ukuthi usifake njengoba sesingasekho kwi lockdown, kodwa onogada basemtholampilo i-Emphathi Clinic, bathe angeke singene singasifakile isafonyo.

Mhleli
Kuyamanganza ukuthi sicishe sajikiswa eklinikhi yase Dundee ngoba singafakanga izafonyo.
Ngokwazi kwami isifonyo usifaka uma uthanda awuphoqelekile ukuthi usifake njengoba sesingasekho kwi lockdown, kodwa onogada basemtholampilo i-Emphathi Clinic, bathe angeke singene singasifakile isafonyo.
Ngicela ukwazi ukuthi kuvumelekile yini lokho? Futhi asikaze sibone isaziso ngalokhu, maje kuyashaqisa impela ukuthi ungathi ungaphilile uphinde utshelwe ngesafonyo, into eyakade sayiyeka njengezwe.
Ngicela abaphathi baleklinikhi bacacise ukuthi kungani befuna sifake izamfonyo nokuthi kusemthethweni yini ukujikisa isiguli ngoba singasifanga isamfonyo.

Ozithobayo
Isakhamuzi sase Dundee


HAVE YOUR SAY: Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za.  Add us on WhatsApp 071 277 1394.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button