Local newsVryheid Herald

Ukugqugquzela intsha kwezamaciko

''Inhloso yethu yokuhlangana ngalosuku wukuthi intsha nabantu bengazitholi sebebandakanyeka nobungebengu noma sebegcina bedla izidakamizwa.''

Umphakathi waseNquthu esigodini saseMthutshana, lapho ubuhlangene khona nezigceme ezisondelene nazo, sebeqale umdlalo wengoma yesintu amagosa namaqembu awo. Lapho bekuhlangene khona izigodi ezahlukaneyo kubalwa imvunyane, isigodi kanye nezinye izigodi.

Ngokujwayelekile iminyaka yonke, njalo ngenyanga bake bahlele imicimbi yengoma ngenhloso yokuhlanganisa abantu kube khona uzwano kulezi zigceme. Igosa lengoma ehlanganisa zonke izigodi zaseNquthu uMnu Mazibuko onguyena owasungula loluhlelo lokugida ingoma lapho khona bantu bendawo beveza khona ukwehlukahlukana kwamakhono abo. Lona umqhudelwano wokusina ngokwesiko lamaZulu ubandakanya izinhlobonhlobo zeminxa okubalwa uShameni, ingoma yezintombi kanye nengomasikhuze. Lomcimbi owemi nyaka yonke uqoqela ndawonye abesimame nabesilisa kanye nabathandi bengoma abaqhamuka kuzo zonke izingxenye zesifudazwe sakithi. uMnuzane Mazibuko wawuqala lomdlalo ngonyaka ka-2022 kuze kube yimanje usayibambile, isifiso sakhe ukuthi lomdlalo wengoma ukhule undlondlobale. Lithe khona seligcwele ibhuku lababhalisele ukubamba iqhaza ezobe isenkundleni yezemidlalo khona saseMthutshana, kulamagqembu bekunemali ewu-R250 okhishwe amagqembu ngokuhlukana kwawo wokungenela umdlalo ukuze bezokwazi ukuklomelisa iqembu elizobe lihambe phambili ngalomcimbi. Amaqembu angenele lomcimbi angamashumi amane (40) ,amantombazane abe ishumi elilodwa neskhombisa (17), abafana abangenele umcimbi bangamashumi amabili nantathu (23).‘’kuzobe kuxebuka imbadada lapha eNquthu. Seligwele ibhuku, kodwa sisalinde abanye abaningi abasazofika uma sekusonde imini.

Inhloso yethu yokuhlangana ngalosuku wukuthi intsha nabantu bengazitholi sebandakanyeka nobungebengu noma sebegcina bedla izidakamizwa ngoba kufanele kube khona abakwenzayo ukuze bezokwazi ukugwema ezinye izinto ezingalungile’’ kusho uMnu Mazibuko. Amanye amalunga omphakathi aveze ukuthi kubalulekile sibone okwenziwa uMnu Mazibuk emphakathi, ngentshisekelo yokusiza ukuqhubeka nokuhlwayela ukunqondisisa kanye nokugqugquzela ubunye sibe sihlukahlukene ngezigondi. Leli hlanganiso elenziwa uMnu. Mazibuko kumele simbonge njengomphakathi waseMthutshana ngoba lukhulu ushitsho aselenzile emphakathini wethu ikakhulukazi kuyitsha yethu. Lesi sigaba sifana nobuhle bomkhosi kwezingoma nokwakhiwa kwazo.‘’Sicela abantu abazizwa ukuthi bangasiza kwezoxaso ngoba ziningi izindleko esibhekana nazo, njenge zithuthi zabantwana abasuka ezigondini ezahlukene, umbhobho wokukhuluma kanye nezinto zokukhosela uma kuna imvula noma lishisa’’ kusho uMnu Mazibuko.Uma unesifiso sokuphosa itshe esivivaneni ‘’seGidigoma’’ kanye nezenkolo eNquthu noma ufuna ukwenza isisekelo, sicela uxhumane noMnuzane Mazibuko kuy’nombolo yocingo:
071 2178 661

ALSO READ: Ezamaciko produces new talent

 

The news provided to you in this link comes to you from the editorial staff of the Vryheid Herald, a sold newspaper distributed in the Vryheid area.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button