Local sportSport

Inyanga enkule yokugubha iWinter Sports Challenge iyasondela

Amabhande asengalweni (arm Bands) ayatholakala njo R85 ngomhlaka 3rd no 4th kuMay.

I Endumeni Winter Sports Challenge iya ngokuya ngokusondela kwezinsuku. Ikakhulukazi kulonyaka izobe idlisa ngesasasa lomjaho wamabhayisekili wezingane ezingu 114 ezivela ezikoleni eziyishagalombili ezahlukene ezizobe ziqhudelana.
Sibonga kwi KZN Cycling Development ngokusixhasa ngamabhaysikili nama helmets. Sicela izingane zigqoke izicathulo ezicasual njengamateku. Sibonge kakhulu naku Pat Sithole Major Sound System.
Umnu Khan uthi “umcimbi uzokhuphula izinga lezemdlalo Endumeni. Izingane sezivele ziqalile, ukuzilolongela ibhola lezinyawo, ikhilikithi, inetball, Chess, umjaho wamabhayisikili kanye nomdlalo wamanqindi”.
Umcimbi uzoqala kusuka zintathu kuya ziyisithupha kuMay (3rd to 6th May) eKallies Stadium eDundee. Amabhande asengalweni (arm Bands) ayatholakala njo R85 ngomhlaka 3rd no 4th kuMay. Ku Ruby Gopi Dundee ( 083 724 0122) naku Skhumbuzo Ndabele Glencoe (079 183 5983).
Inani lamabhande lifaka phakathi: imali yokungena esangweni, ukugibela okungenamkhawulo kwi funland, endaweni yama inflatables ne horror house. Ungakwazi ukuthenga amabhande ngaphambi kwesikhathi kwayimanje.
Utshwala, izikhali kanye nezidakamizwa azivunyelwe ngaphakathi. Oyotholakala nalokhu uyothathelwa izinyathelo ezinqala yingalo yomthetho kwazise lona kuyobe kungumgubho wokuzijabulisa kwemindeni nabangani.
Ama stalls (amagumbi okuthengisela) ayatholakala ngaphandle kwawokudla asegcwele ukwazi kabanzi ungathintana no Mnu Khan ku 082 875 9046 noma ku 063 224 3668 noma ku nombolo ka whatsapp 074 438 8201.
Ezokuphepha zizobe ziqiniswe kakhulu. Right of admission reserved.

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button