Local news

Isephila isiRibeiro owaseShobeni

Emuva kokusabalala kwalombukiso oqoshiwe, uRibeiro wabhala enkundleni yezokuxhumana ethi uyafisa ukuthi lo mfana anyuke aye eGoli uma sekudlala, mhla zingu 16 kuMashi.

USEPHENDUKE undabuzekwayo umnfanyana oneminyaka emithathu ubudala waseShobeni, eZinqoleni osehambe wayohlangana nezihlabani zeMamelodi Sundowns.

Lo mfana osazifundela enkulisa nje ubonakala engumuntu omazi kahle umdlali waBafana baStyle, njengoba eqale ukubonakala kwiVideo ememeza umdlali weDowns, uLucas Ribeiro Costa ngesikhathi iDowns ivakashele iGolden Arrows, eThekwini, mhla zizinhlanu kuMashi.

Emuva kokusabalala kwalombukiso oqoshiwe, uRibeiro wabhala enkundleni yezokuxhumana ethi uyafisa ukuthi lo mfana anyuke aye eGoli uma sekudlala, mhla zingu 16 kuMashi.

Ngokusho kukayise kaMotsamaisi, uBhekithemba Gumbi oneminyaka engu 43 ubudala, uthe vele ingane yakhe iyazifela ngebhola futhi iyalazi nabadlali iyabazi, ayinaso isikhathi sokubuka opopayi njengezinye izingane ezingangaye.

Uthe ngosuku ekwaqala ngayo indaba, uMotsamaisi waqoshwa ividiyo ngabanye abantu ngesikhathi ememeze lesi sihlabani saseBrazil esinguRibeiro, nokulapho yafakwa ezinkundleni zokuxhumana le vidiyo.

Bese bengaphakathi ezindlini zokugqoka e-Orlando Stadium oThobeka Gumbi (kwesobunxele), Ribeiro, Motsamaisi Gumbi noBhekithemba Gumbi.

Yahamba yaze yafinyelelwa kwizikhulu seDowns, zase ziqala izinhlelo zokuthi lo mfanyana ayohlanganiswa neqhawe lakhe. Uthe kuyamangaza indlela alibuka ngayo ibhola iMotsamaisi ngoba kumanje ubebuka imidlalo yokuhlungela iWorld Cup.

“Ukhule ethanda ukubuka amaSuper Strikers. Uma uya esitolo yena ufuna umthengele ibhola. Uma ebuya enkulisa ubuka ibhola kumabonakude,” kubeka uGumbi.

Uthe njengoba uMotsamaisi ekhulele emndenini othanda ibhola futhi osaphotha iDowns, uvele yena walithanda kakhulu. Uthe ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi kmele baye eGoli bayohlangana noRebeiro, into eyamshayisa ngovalo kwaba wukuthi bazothini enganeni uma beya lapho bese bebuya bengahlangananga naye.

Ngenhlanhla izinto zihambe ngendlela ebezihlelwe ngayo, bahlangana naye emuva kokuthathwa komfana ayobabona ezindlini zokugqoka abeKaboYellow. Lapho uthe uhlale nabadlali cishe uhhafu wehora, base bemupha izipho okukhona kuzo namakhokho ayedlala uRebeiro kwoCopa America Cup kanye ne-Eufa Cup.

Uthe kwabajabulisa bewumndeni ukuthi abeDowns bafeze isithembiso sabo.

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from South Coast Herald in Google News and Top Stories.

Back to top button