Ukhalela umazisi umkhulu ofuna impesheni
Ukungabi namazisi sekubangele ingcindezi enkulu kwamisa nempilo yakhe ubaba uBongani Ngwazi waKwaNositha ngaseMargate.
USEZWAKALISE ukubonga aboMnyango wezaseKhaya ePort Shepstone umkulu Bongani Fana Ngwazi waKwaNositha ngaseMargate nosehlala Oshabeni ngasePort Shepstone.
Umkhulu Ngwazi oneminyaka engu 60 manje ubudala uthe walahlekelwa umazisi wakhe ngo 2022, kodwa ubonga abehhovisi loMnyango wezaseKhaya ngokumenzela umazisi wesikhashana, ngoLwesihlanu olwedlule, ukuze ukuyobhalisela imali yokuguga.
UNgwazi ubekhala ngokungabi namazisi nokungaphumi komusha asewushayile ngoJanuwari walonyaka, nokuthi usehlanganise iminyaka engu 60, emvumela ukuthi ayofaka isicelo semali yempesheni.
Indodakazi kaNgwazi, uNksz Londeka Cele, ithe le simo sokungaphumi kukamazisi kababa wabo sesimise impilo yakhe.
“Le nto yokungabi namazisi seyimphazamisa nasemqondweni ubaba, ngoba sike simuzwe ekhuluma izinto ezingawenzi umqondo. Ngesinye isikhathi sithi sihleli, sibuka umabonakude umuzwe ethi naba la babantu basePitoli abanganginiki umazisi wami, esho ekhomba izithonbe zabantu kumabonakude,” kusho uCele.
UNksz Cele unxuse aboMnyango wezaseKhaya basize uyise athole umazisi wakhe.
“Saya eMnyangweni wezaseKhaya, ePort Shepstone, ngoMasingana walonyaka, sasifaka isicelo somazisi omusha kodwa awuphumi. Usuphumile umazisi kasisi wami abazifaka kanyekanye izicelo,” kusho uCele
Echaza uCele uthe kade beyobheka eMnyangweni kodwa batshelwa ukuthi usalungiswa, kuqinisekiswa nezithupha zakhe, kodwa okubi wukuthi imile manje impilo kayise ngenxa kamazisi.
“Kumele ngabe ubaba ufaka isicelo sempesheni yokuguga, ubanjwe umazisi. Sekuvaleke nemali yakhe yokungasebenzi, uR350, manje usephila ngokucela kuthina zingane zakhe,” kusho uCele.
“Sicela bayisheshise into yokusiza ubaba ngoba sekwama noR350, manje le nto seyimphazamisa nasemqondweni, asazi noma kungenxa yengcindezi yokungabi namali yini. UR350 unqamuke ngoMeyi walonyaka,” kusho uCele.
IMeneja ehhovisi loMnyango wezaseKhaya, ePort Shepstone, uNkonsentsha Ntshangase uthe bayaxolisa ngokungafiki kukamazisi kaNgwazi.
“Ngempela wafaka isicelo ngoJanuwari, kumele ngabe usebhalisa imali yempesheni manje. Inkinga omazisi benziwa ePitoli, baqale baqinisekise imininingwane yomuntu nezithupha ukuze bamamenzele oyikhadi. Sinenkinga kuloludaba lwakhe nolwabanye ngoba wagcina ukuba nomazisi ngo 1987,” kusho uNtshangase.
UNtshangase uthe sebekhulumile nabakwaSASSA, bathe bazomenzela incwadi yokuhola, kodwa kumele aqale kubona eMnyangweni wezaseKhaya, ukuze bamenzele incwadi noma umazisi wesikhashana.
Nokho ke uNgwazi useyile emahhovisi oMnyango wezaseKhaya, bafike bamenzela umazisi wesikhashana.
HAVE YOUR SAY
Like the South Coast Herald’s Facebook page, follow us on Twitter and Instagram
