Local newsNews

Abesifazane

A poem by Lwandle Nhlapho centered around women power.

Abesifazane: By Lwandle Nhlapho

Isilumo, ukusikwa, nokubeletha
kwahlula amadoda, yingakho bengakwazi.
Hhayi mina, ngiyabavuma abantu besifazane.
Kuthi noma limhlophe qhwa! Izambane,
balipheka kube sengathi linenyama izambane.
Hhayi mina, ngiyabavuma abantu besifazane.
Kuthi noma sekunzima ngihlaselwa
ngikhale ngo mama
Hhayi mina, ngiyabavuma abantu besifazane.
Kuthi noma sekuvele isifo
owesifazane usuke esehlezi phansi
esemboze ngetshali kuma krasi.
Hhayi mina, ngiyabavuma abantu besifazane.
Even though ngingakhoni ukuba chaza kahle
kodwa engikwaziyo ukuthi bayizimbokodo,
bangamaqanda, bayinsika yethu.
Hhayi mina, ngiyabavuma abantu besifazane.
Uthi epheka, ngapha ewasha izitsha.
Uthi egeza abantwana ngapha epha eshanela indlu.
Hhayi mina, ngiyabavuma abantu besifazane.
Asibathande, sibanakekele, sibavikele.
Bayigugu kithi.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from African Reporter in Google News and Top Stories.

Nomsa Ngubeni

I believe that I'm an outgoing and adventurous storyteller at heart, who loves being a mouthpiece for all those who cannot tell their own stories.

Related Articles

Back to top button