FA805604
ISAZISO SOKUFAKA ISICELO SELAYISENSI YOKUPHATHA IMFUCUZA
ISAZISO SOKUFAKA ISICELO SELAYISENSI YOKUPHATHA IMFUCUZA YE- NORTH EAST PACKAGING (PTY) LTD NGAPHANSI KWEZINHLELO ZESIKHASHANA ZOMTHETHO KAZWELONKE WOKUPHATHWA KWEZEMVELO: IMFUCUZA, KA-2008, ESENDLINI KAMASIPALA WASE- EKURHULENI, E-GAUTENG Kwaziswa abathintekayo, abanentshisekelo (Interested and Affected Parties), kanye nababambiqhaza (Stakeholders), ngesicelo esihlongozwayo sokuthola iLayisensi Yokuphathwa Kwemfucuza, ngokuhambisana nezinhlinzeko zesikhashana eziqukethwe ezigabeni 80 (4), 81(2) no-82 zoMthetho Kazwelonke Wokuphathwa Kwezemvelo: Imfucuza, ka-2008 (National Environmental Management: Waste Act, 2008) (uMthetho No. 59 ka- 2008) (NEM), egameni le-North East Packaging (Pty) Ltd. Lolu hlelo lokufaka isicelo lwenziwa ngokuhambisana neMithethonqubo eyashicilelwa kuGazethi kaHulumeni Nombolo 53831 yangomhla zi-10 kuZibandlela 2025, esebenza kubantu abacelwe uNgqongqoshe ukuba bafake isicelo seLayisensi Yokuphathwa Kwemfucuza. Ikakhulukazi, lesi sicelo sithinta umuntu owenza umsebenzi wokuphathwa kwemfucuza oshiwo oHlelweni 1 loMthetho ngosuku lokuqala kokusebenza kwalo Mthetho, futhi owayenza lowo msebenzi wokuphathwa kwemfucuza ngokusemthethweni ngaphambi kwalolo suku, ngokuhambisana neSaziso sikaHulumeni Nombolo 91 sangomhlaka 1 kuNhlolanja 2002. I-Triplo4 Sustainable Solutions, egameni LoFaka Isicelo, yenza uhlelo lokufaka isicelo selayisensi yokuphathwa kwemfucuza ngokuhambisana nezinhlinzeko zesikhashana ezikwiSigaba 80(4), 81(2) kanye no-82 zoMthetho Wokuphathwa Kwemvelo Kazwelonke: (uMthetho No. 59 ka-2008). Lo Faka Isicelo kudingeka athole ilayisensi yokuphathwa kwemfucuza evela eMnyangweni Wezamahlathi, Ezokudoba kanye Nezemvelo (DFFE). Imininingwane Yephrojekthi: Le phrojekthi ihlobene nesicelo Selayisensi Yokuphathwa Kwemfucuza esenzelwa umnyango okhona manje i- Spotless Drums wenkampani i-North East Packaging (Pty) Ltd; lo mnyango wenza imisebenzi yokuhlanza, yokuvuselela, yokulungisa kabusha, yokwelapha, yokusebenzisa kabusha kanye nokugaywa kabusha kwamathini amakhulu ezimboni aseke asetshenziswa. Imisebenzi eyenziwa kule ndawo ibangela ukuthi kudingeke imisebenzi yokuphathwa kwemfucuza esohlwini, ngokuhambisana neSaziso sikaHulumeni esinguNombolo 921 sangomhla zingama-29 kuLwezi 2013, esashicilelwa ngaphansi koMthetho Wokuphathwa Kwemvelo Kazwelonke: uMthetho Wemfucuza, ka-2008 (uMthetho No. 59 ka-2008), ikakhulukazi uMkhakha B, uMsebenzi 2 kanye noMkhakha B, uMsebenzi 4. Ngokuhambisana nezigaba 80(4), 81(2) kanye no-82 zalo Mthetho, kanye neMithethonqubo eshicilelwe kuGazethi kaHulumeni enguNombolo 53831 yangomhla zi-10 kuZibandlela 2025, umfakisicelo ucelwe ukuba afake isicelo seLayisensi Yokuphathwa Kwemfucuza. Isicelo sithunyelwa eMnyangweni Wezamahlathi, Ezokudoba kanye nezeMvelo (DFFE). Indawo: Lesi sikhungo sitholakala kwiSiza 7224, e-Unit 14, Poplar Park, 16 Lancaster Street, eBenoni South, ngaphakathi kuMasipala Wedolobha i-Ekurhuleni Metropolitan, esiFundazweni saseGauteng. INQUBO YOKUBAMBA IQHAZA KOMPHAKATHI Njengengxenye yenqubo yokubamba iqhaza komphakathi, abantu abanentshisekelo nalabo abathintekayo bayamenywa ukuba babuyekeze uhlaka Lombiko Ngokungcoliswa Kwemvelo kanye noHlelo Lokuphathwa Kwemvelo (EMPr), baphinde baveze imibono yabo ngale mibhalo. Lolu hlaka LoMbiko Ngokungcoliswa Kwemvelo kanye noHlelo Lokuphathwa Kwemvelo (EMPr) luzotholakala ukuze lubuyekezwe esikhathini esiyizinsuku ezingama-30, kusukela ngomhla zi-14 kuMfumfu 2026 kuya ku-17 kuLwezi 2026, kulezi zindawo zomphakathi ezilandelayo: `Umtapo Wezincwadi wase-Actionville (0A Khan Crescent, Actionville, Benoni, 1506); `Amahhovisini aseTriplo4 Sustainable Solutions Ballito;
•nakwiWebhusayithi yaseTriplo4 (www.triplo4.com) . Imininingwane Yokuxhumana: Abantu abanentshisekelo nabathintekayo (ama-I&AP) bayamenywa ukuba babhalise ngokuthumela amagama abo, imininingwane yokuxhumana kanye nencazelo ngentshisekelo yabo kule phrojekthi kumeluleki wezindaba zemvelo obalulwe ngezansi, kungakedluli umhla ka-6 kuZibandlela 2022. UNkk. Aletta Johanna Plomp
UNkk. Jenna Ramdheen- Sharma
UMnu. Suvir Ramcharan Triplo4 Sustainable Solutions P.O. Box 6595, Zimbali, 4418 Ucingo
032 946 3213 Fekisi
032 946 0826 Emeyili
jenna@triplo4.com
suvir@triplo4.com Usuku lokushicilelwa kwesikhangiso: 08 kuMfumfu 2026
Reference Number: FA805604