TA017569

ISAZISO Rimavhuso Investments (Pty) Ltd

ISAZISO SESICELO SELAYISENSI NGOKUVUMELANA NESIGABA 17(2) SOMTHETHO WAMAPAYIPI KAPHETHILOLI KA-2003 (UMTHETHO NO 60 KA-2003)

ABANENTSHISEKELO BAYAZISWA UKUTHI:

Ngokulandela izinhlinzeko zoMthetho wamapayipi kaPetroleum kanye neMithetho emenyezelwe lapho,

i- Rimavhuso Investments

(Pty) Ltd (`Rimavhuso`)
(2019/275193/07) isifake isicelo ku-National Energy Regulator of South Africa (NERSA) ukuthola ilayisensi ehlanganisiwe yokwakha indawo yokugcina uphethiloli etholakala e-Secunda, Mpumalang, (Inkomba yesicelo PPL.sf.F1/369/2026 ), njengokulandelayo:

Description

Isicelo sokuthola ilayisensi ehlanganisiwe yokwakha indawo yokugcina uphethiloli e-Secunda, Mpumalanga

Reference number

PPL.sf.F1/369/2026

Amakhophi esicelo selayisensi esishiwo ngenhla ayatholakala umphakathi ukuze uwahlole phakathi kuka-08h00 no- 16h30 nsuku zonke (iMigqibelo, amaSonto namaholide awabaliwe) kusukela zingama-30 kuMandulo 2026 kuze kube zingama-23 kuMfumfu 2026 e:

iRimavhuso Investments (Pty) Ltd

6721 Manole Street

Andeon X38

PRETORIA

0001

GAUTENG

UMUNTU OKUXHUMANA NAYE

Mr. Blessing Ramoba kanye no Mr. Koos Fourie

info@africanicityinvestment.co.za; koosfourie@hydra- arc.com
NERSA

Kulawula House

526 Madiba Street

Arcadia, PRETORIA

Reception: 012-401-4600

IKhophi yesicelo iyatholakala nakuwebhusayithi ye-Nersa: www.nersa.org.za (landela: Petroleum Pipelines > licenses > Applications under considerations) Kanye nakwi webhusathi yakwa

Zonke izikhalazo eziphikisa lesi sicelo kufanele zithunyelwe zingakapheli izinsuku ezingama-30 kusukela ngomhla ka-30 kuMandulo 2026 kuze kube ngomhla ka 30 kuMfumfu 2026 ngokugcwalisa ifomu lesichibiyelo D seMithetho Yamapayipi Kaphethiloli, ka-2019, elifakazelwa nge-afidavithi noma ngesimemezelo esifungelwe, Leli fomu liyatholakala kuwebhusayithi ye-NERSA ku- www.nersa.org.za (landela: Petroleum Pipelines > Legislation > Petroleum Pipelines Rules) noma kwama hhovisi akwa NERSA abhaliwe ngenhla. Zonke izikhalazo eziphikisayo kufanele zithunyelwe ku National Energy Regulator: Executive Manager: Petroleum Pipelines Regulation ngeyodwa yalezindlela:

(a) Uhambise ngesandla kwama hhovisi akwa NERSA acibiyelwe ngenhla; noma

(b) Uthumele ngeposi kulelikheli Leposi ku PO Box 40343, Arcadia 007; noma

(c) Nge-imeyili ku pipelines@nersa.org.za; noma

(d) Kwinombolo yefeksi ku 012-401-4700.

Amalunga omphakathi nabathintekayo bayacelwa ukuthi bazise abakwa NERSA, ngeyodwa yalezi zindlela ezibikiwe ngenhla zokuxhumana uma bayafisa ukuthi bathule izikhalo zabo ngenkulumo kwi ngqungquthela. Niyaziswa ukuthi abakwa NERSA angeke behlele noma babambe I ngqungquthela yokulalela izikhalazo yokulalela izikhalazo uma bengekho abazise isicelo kwa NERSA sokukhalaza ngenkulumo ngaphambi kokuphela kosuku ngomhla ka- 30 kuMfumfu 2026.

Zonke izikhalazo eziphikisayo kufanele zifakwe ngaphambi kokuphela kosuku ngomhla ka-30 kuMfumfu 2026. Izikhalazo ezitholwe ngemuva kwalolo suku ngeke zinakwe. I-Nersa izokwenza isinqumo ngezicelo zelayisensi ezihlongozwayo.

Lesi simemezelo somphakathi sikhishwe yi: Rimavhuso Investments (Pty) Ltd

(2019/275193/07)).

Reference Number: TA017569

View All Classifieds View Legal Notices Entries

Back to top button