communityLocal newsNews

‘Inkosi iphile yaphinde yathatha’

Ubekwe ngokuthula endlini yakhe yokugcina.

Ubekwe endlini yakhe yokungcina ngoMgqibelo uNkosikhona Muzomuhle Dlame ngemva kokugula isikhashana. Ubuhlungu bokulahlekelwa ilensizwa bekubhalwe ebusweni balabo ekade besondelene naye, umndeni, abangani. Ilabo kade esebenza nabo kanye nezihlobo zakhe umufi.
Abantwana bakhe bobane bamchaze njengendoda ebiwuthanda umndeni wayo futhi ingafuni lutho ngomkayo uMakubheka kanye nabo abantwana bakhe. Bathi ubaba wabo ubeyikho konke kubona futhi ubafundise lukhulu, bathe bazohamba ezinyathelweni zakhe baphile impilo yabo ngendlela ebefisa ngayo.
Abamaziyo bathe ubengumuntu onamahlaya futhi obathandayo abantu, ebengumaqhelafike futhi engenandaba nokuthi omunye umuntu ucabangani ngaye. Ubeziphilela impilo yakhe. Uhambe emhlabeni ngomhlaka 1 ku April, esebenza eMnyagweni weZasekhaya emahhovisini asePitoli.
Umndeni wakwa Dlame, Sibiya nakwa Kubheka udlulisa ukubonga okukhulu kubobonke abantu ababasingathile ngalesisikhathi esibuhlungu kangaka sokulahlekelwa indodana yabo ebingumuntu wabantu futhi iwukhonzile umndeni wayo njengoba ibikwazi ukubahlanganisa makukhona okonakele. Bathi bayabonga emphakathini waseGlencoe, Sithembile kanye nalabo ebebephuma ePitoli.

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button