Local newsNews

Umndeni okuthiwa uhlaselwe yi-‘MDR’

Umndeni wonke usuphila ngokudla amaphilisi

UKhansela wesigceme sesithathu (Ward 3) eGlencoe uNksz Lungile Mbhele ‘ukhwele wadilika’ kulezo zikhungo ezingayihambeli imihlangano yama-War Room. Ukusho lokhu ngenkathi ehlangene namalunga ekomiti kwi-War Room yakwa-Ward 3 eSithembile ngolweSine lomhlaka 10. OnoMpilo kanye namalunga omphakathi ebenyigxenye yalomhlangano.
Ku le War Room kuningi okuxoxwe ngakho. Okunye kwako okushaqisayo udaba lomndeni wakwa Nyembe ongu12 ohlala ku ‘one room’. Kuthiwa lomndeni uphila negciwane le-TB okuthiwa linobungozi i-MDR elihunyushwa ngokuthi (multi-drug-resident tuberculosis). Kuvele nokuthi lo mndeni usuphila ngemali eyisibonelelo engu R1000 ekhokhelwa umkhulu, uMnuz Mzayifani Sithole ona (72).
Ngokusho kuka Khansela Mbhele, uMkhulu usehamba nge-wheelchair ngenxa yesifo sofuba. Uqhube wathi uKhansela Mbhele wonke umndeni usiphila ngamaphilisi. Okukhathaza kakhulu ukuthi kunabantwana abancane abangahle batheleleke ngenxa yokungabikho kokunakeleleka kwalomndeni.
Omunye womndeni uDudu Nyembe uthi nguyeza ogeza umkhulu. Uma ufika kulelikhaya kunomkhukhu obhalwe ukuthi ‘no visitors’ kuthiwa ngalombhalo kuqwashiswa amalunga omphakathi ukuba angangeni kulomkhukhu njengoba lomndeni uhaqwe yigciwane le-MDR.
USihlalo we-War Room yase Glencoe uMnuz Gift Zondi kanye nonoBhala Mnuz uThabani Msibi bathe bazolusukumela loludaba. Ithimba ebeliphuma kwabezempilo eMtholampilo iSiphuthando, uMhlengikazi Khanyile kanye noLushaba bathe bakhathazeke kakhulu ngemfuyo ewuvanzi emgwaqeni eGlencoe kakhulukazi izinja.
Bakhalaze ngokuthi izinja zizoba yingozi emphakathini uma zingagonyiwe.
Kuphindwe kwakhalazwa ngodaba lomlisa othize wase-Pakistan okuthiwa uhlala nentombazane encane ngoba eyithembisa i-pitsa.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button