Usuku lomama lugujwe ngesitayela
UNdlunkulu Hlengiwe Kunene wesizwe sakwa Sigweje, kwaHlathi ukhuthaze omama ngokuba babeke uNkulunkulu phambili kukho konke abakwenzayo.
Umhlaka 10 May ilona langa elibekiwe kulonyaka eMzansi Africa ukuba kubungazwe ubukhona bomama, bebongwa ngokubaluleka kwabo, ubuqotho kanye nesineke sokunakekela abantwana nemindeni yabo abakubonisa mihla yonke.

Ilona langa lapho kumele ngabe baphathiswa okweqanda ukudlula ezinye izinsuku.Omama bakwa Hlathi bona bakhethe ukusheshe baluhlangabeze lolusuku njengoba bezikhiphele eBattlefield Country Lodge ngomhlaka 01 May lapho bebezozipholela bakhohlwe izinsizi zabo nokuhlupheka kwabo okwesikhashana. Lamakhosikazi anqume ukugubha usuku lwawo ngesitayela, njengoba engagcinanga ngokudla ukudla okumnandi, kodwa aphinde abelana ngezinkinga zawo, acebisana nangezindlela zokuzixazulula. Lolusuku lungelibalwe i-lamakhosikazi nje ngoba befunde lukhulu ngokuphathwa kwabantwana kanye nokuthi yini edingeka kumuntu wesifazane okanye umama oqotho okumele abenayo kuye njengomuntu obalulekile esizweni sonke.

Phakathi kwabo bekukhona uNdlunkulu Hlengiwe Kunene, othathwe iNkosi Kunene wesizwe sakwa Sigweje khona kwaHlathi. Yena namanye amakhosikazi ebekhona kulomcimbi baqale i-Club yomama baKwaHlathi esiza ngokuba icobelelise abesifazane ngolwazi abaludingayo ukuze bezokwazi ukuba ngabantu abaqotho emindenini nasemiphakathini yabo.

Labomama bahlangana njalo kanye ngenyanga ukuzoxoxa ngezinkinga zabo. Abagcini lapho banezinhlelo zokusiza nasemiphakathini, ezifana nemincintiswano, amaYouth Talks kanye nama awareness asiza ukudlulisa ulwazi oludingwa umphakathi. Basanda kuqala i-Balmsome prayer enamandla kakhulu ekuvuseleleni abantu ngokomoya. Enkulumweni yakhe uNdlunkulu ukhuthaze omama wathi ” umuntu wesifazane ubalulekile futhi alikho inani elinga linganiswa naye, elingamuthenga.” Konke abekusho ubengalibali ukufaka igama likaJehova nathe ‘ilona kuphela esingasinda ngalo futhi uyena kuphela onamandla okwenza izinguquko ngempilo yomuntu’.

Uqhube wathi “asimumeme njalo uNkulunkulu ezinhliziyweni zethu ukuba abenathi njalo.”Uphinde wakhuthaza ukuba abantu besifazane bazithande ukuze bazokwazi ukushintsha ‘ubuhlungu’ abadlula kubo bube ‘ubumnandi’. Labo mama bathi ngendlela uhlelo belumnandi ngalo kuhutshwa ingoma, kudanswa, baze bafisa noku lala khona eLodge.



