Kubanjwe indoda nezidakamizwa
Ubanjwe amaphoyisa nezidakamizwa edolobheni ngoba ubesolisa.


Kubanjwe owesilisa oneminyaka engu 30 nezidakamizwa edolobheni laseNquthu. Lezizidakamizwa zingabiza inani elilinganiselwa ku R2000.
UConstable Kunene kanye noMhlongo bamisa uMnuz Velenkosi Nxusa ngoba besola ‘santungwana’ kuyena ngesikhathi behamba bebheka ukuphepha edolobheni laseNquthu. Amaphoyisa abe esemusesha athola izidakamizwa zohlobo lwama Mandrax ezikhwameni zebhulukwe ayeligqokile. Kube sekuvulwa icala, kanti uNxusa uvele kafushane enkantolo kamantshi yaseNquthu ngoLwesibili olundlule. Icala lihlehliselwe umhlaka 18 September,usagcinwe ezitokisini. UKhomishana wamaphoyisa u-Lieutanant Mtshali uxwayisa izigilamkhuba ukuthi amaphoyisa aziqaphe ngeso lokhozi kuzozonke izinhlangothi kanti futhi uthi ngeke bakubekezelele ukuphulwa kwemithetho kulendawo yaseNquthu.



