communityCrimeLocal newsNews

Udlule emhlabeni ugogo (90) owadlwengulwa

Umsolwa kulelicala ubengakabanjwa

Ubekwe endaweni yakhe yokugcina ugogo Shonisaphi Nene (90) wasendaweni yase Ngonini, eNquthu, owadlwengulwa ibhungu ekhaya lakhe.

UNkk Shonisaphi wangenelwa ngowesilisa ngokusa kwango mhlaka 03 August okuthiwa wamugqema ingozi engeqiwa ntwala esiphongweni ngaphambi kokuba amuphoqe ukuba ayenaye ocansini.

Ugogo wayeyedwa kurondo lapho ayelala khona ngesikhathi ebhudukezwa ilomlisa. Kusolakala ngathi umnyango wendlu yakhe wawungakhiyeki khepha wawuvalwa nje kuphela. Ubekwe endlini yakhe yokugcina ngomgqibelo ngemuva kokuba echithe amaviki esibhedlela.

Ube esebuyiselwa ekhaya ngoba kubonakala ukuthi useluleme kepha akazange esaphila isikhathi eside nomndeni wakhe wabe useyadlula emhlabeni. Ubekwe endlini yakhe yokugcina ngeSonto.

Funda ukuthi kwenzakalani kugogo.  

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button