communityCrimeLocal newsNews

Ugwetshwe iminyaka engu 35 owabulala uthishela eNquthu

Ugwetshwe iminyaka engu 20 ngecala lokubulala neminyaka engu 15 kwelokubamba inkunzi.

Inkantolo enkulu yamaJaji eVryheid ngomhlaka 31 August imthole enecala lokubulala kanye nelokubamba inkunzi uMnuz Khanyisani Blessing Ngobese.
UNgobese ugwetshwe iminyaka engu 35 ebhadla ejele ngecala lokubulala u-Daniel Jon owayengu thisha esikoleni, uMngazi Full Service, eNquthu, ngoOctober 11 wonyaka ondlule.

Ugwetshwe iminyaka engu 20 ngecala lokubulala neminyaka engu 15 kwelokubamba inkunzi.

UMnuz Jon wagwazwa wabulawa waphinde wathathelwa nempahla yakhe okubalwa kuyo i-Laptop, umakhalekhukhwini, isikhwama sezimpahla nokunye.
Kuthiwa uMnuz Jon wayebuya ePitoli ngesikhathi ebhudukezwa amabhungu amabili ngobusuku ashona ngabo, bude buduze nesikole ayefundisa kuso nokuyilapho ayephinde ahlale khona, ngaphakathi esikoleni.

Izimpahla zakhe kuthiwa zatholakala kuye uMnuz Ngobese kanye nomngani wakhe okuthiwe wakhishwa phambili kuleli cala ngenxa yobufakazi obungahlangani.

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button