communityCrimeLocal newsNews

Zigcwele amathafa izigebengu ezidlwengule zalimaza ugogo

Ugogo uMonica ulimale kabuhlungu ekhanda unezingozi ezingu 12 uphinde waphuka nengalo yakhe, njengamanje kubikwa ukuthi uyelulama esibhedlela saseMadadeni eNewcastle emva kokuba edluliselwe esibhedlela saseNquthu i-CJM Hospital ngenxa yesimo sakhe esibucayi.

Bagcwele amathafa abalisa ababili abayizilamani zakwaXaba esigodini saseMathambo eNquthu emva kokuba bedlwengule ugogo uMonica Mothi MaXaba Buthelezi (58) beshintshana ngaye ebusuku bangeSonto eledlule, baphinde bamushaya ngesihluku besebenzisa induku ebizwa ngeNgedla phecelezi iMorontshisi.
Ugogo uMonica ulimale kabuhlungu ekhanda unezingozi ezingu 12 uphinde waphuka nengalo yakhe, njengamanje kubikwa ukuthi uyelulama esibhedlela saseMadadeni eNewcastle emva kokuba edluliselwe esibhedlela saseNquthu i-CJM Hospital ngenxa yesimo sakhe esibucayi.
Ngokusho kuka Lethu Buthelezi (34) oyindodakazi kaMonica uthe phambilini esinye salezigilamkhuba sake sahlasela ebusuku ngenhloso yokudlwengula usisi wakhe omncane asangaphumelela sagcina ngokujombela endlini ngefasitela, kodwa wagcina ngokugwaza uLethu .

 

“Manje umama kade engasalubhadi kwaXaba ngenxa yokunengwa ilesi senzo, sisola ukuthi yingakho behlukumeza ugogo ngoba bethi bayalaya.” kusho uLethu.

Umphakathi uthi uMonica ungu-Anti walezigebengu, kodwa uLethu uthi bangosibongo fanana nje nomama wakhe.
Eqhubeka uveze ukuthi lezigilamkhuba zathathela nomama wakhe imali ngosuku lwesigameko, kodwa abazali babo bayibhadala ngeviki eliphelile ngolwesibili. “Icala livuliwe kodwa amaphoyisa asiyiboni into asiza ngayo ngoba naphambilini ngalivula icala lokugwazwa kwami kodwa namanje akaze baboshwa” kusho uLethu ngokuthukuthela.
Umphakathi wakulendawo uthukuthele futhi ufisa nokuzibambela umthetho ngezandla, kodwa ngoMgqibelo amaphoyisa, Induna kanye ne-Community Policing Forum bahambele kulendawo ukuzama ukuyodambisa isimo.
Emhlanganweni kuphethwe ngelokuthi umphakathi um auzibona lezigebengu kumele uzinikele emaphoyiseni.

Ngesonto kubikwe ukuthi esinye salezigilamkhuba sibonakele sizimboze ikhanda sizama ukubuyela ekhaya, umphakathi ugeje ukusibamba isigebengu esiphethe ngokucasha eMakhabeni besijaha.
Omama bendawo bathi bazizwa bengaphephile neze emphakathini ngoba akekho ongazi ukuthi labafana bayabulala, bayagwaza futhi bayaqgekeza izinsizwa zendawo zithi zona phinde zilale kuze kuboshwe labalisa, bathi sebebaqaphe ngeso lokhozi bazobabamba uma bebabona ngoba baphoxa igama lezinsizwa ngalesisenzo.

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button