Editor's choiceLocal newsNews

Basola ‘isandla Semfene’ ngomlilo osubhubhuse umuzi

The mysterious fires that keep breaking out in Mavis Zondo's home near Rorke's Drift have been blamed on 'witchcraft'

Abakwa Zondo eNgonini nenyakatho yedolobha laseNquthu bathi kunuka santungantungwana ngaphakathi kwekhayalabo eselicekelwe phansi ukuqubuka komlilo ongaziwa ukuthi uphuma kuphi. Lo mlilo bathi uvele uqubuke odongeni bese ushise yonke impahla kanti lesisiga baqale ukusibona ngonyaka ondlule ku-November. Bathi akekho umuntu okwazi ukuwubona uma usaqala akuzwakali ngisho iphunga lemphahla eshayo okusho ukuthi lomlilo uyabalolozela.
Njalo nje uma uqubukile ubonwa ngabantu abedlula ngendlela bese bephuthuma ngaphakathi ukubazisa kodwa umulilo usuke usumukhulu ngezinga elingangokuba usuke ungeke usacisheka futhi usuke usuvele usuyicekele phansi impahla.
Umama wekhaya uMavis Victoria Zondo (60) osele nalomuzi uthi naye udidekile akazi ukuthi enzeni ngoba lo mlilo usumushiye engena lutho ngaphandle kwezimphahla azigqokile emzimbeni wakhe kanti nomzukulu wakhe wasala nezicathulo zesikole kuphela ngenhlahla, uthishela amfundisayo wanikela ngokuthi amuthengele umfaniswano wesikole. “Lo mlilo uyisiga engingasazi futhi engingakaze ngasibona. “Uvele usuke obondeni futhi asiboni lutho sibe sikhona endlini, kuze kubone ongaphandle kwejalidi. “Siyacela uma kukhona ongasisiza alekelele ngoba sekushe yonke into ngisho ukudla,” kusho u Mavis.
Uthi lo mlilo waqala endlini yotshani ngonyaka ophelile, kulonyaka wagasela emakamelweni amabili ngokwehlukana kwezinsuku, ngeviki eliphelile ngolwesibili uvele wacekela phansi isithabathaba sendlu esanda kwakhiwa kanye nayo yonke impahla engaphakathi yaphenduka umlotha nophahla lwayo okungaba umonakalo ongaphezu kuka R200 000. Sifice kulomuzi sazibonela isihluku esenzakele lapho sekusele khona izipringi zemibhede kanokusho, izitsha zikanokusho, amabhodwe, izipuni, imishini yokuwasha namafiliji, ama-Tile phansi aqhumile kanye nawokufulela nokunye okuningi okumnyama tshu intshede yomlilo futhi okungasoze kwalungiseka ukuba kubuyele esimeni sakho. Amakhabethe, Room Dividers, iminyango kanye namapulangu okufulela nawo aphenduke umlotha.

Witchcraft has been blamed on a 'mysterious fire' that constantly erupts in Mavis Zondo's (60) home in the Ngonini area near Rorke's Drift.  The latest fire destroyed most of the contents of her home.
Witchcraft has been blamed on a ‘mysterious fire’ that constantly erupts in Mavis Zondo’s (60) home in the Ngonini area near Rorke’s Drift. The latest fire destroyed most of the contents of her home.

Uthe uMavis lo mlilo ucekele phansi nomthungo wamakhasimende akhe njengoba eziphilisa ngokuthunga. Umuzi wawakha ngokubambisana nendodakazi yakhe esebenza e-UNISA okuthiwa ibike ukuthi selokhu izwe loludaba ithi akusebenzeki futhi akudleki, kanti indodana yakhe efunda khona e-UNISA abayazisanga ngaloludaba ngoba besabela ukuthi izophazamiseka ezifundweni njengoba ibhala. “Kodwa noma kuthiwa umuntu owenza lento usengaze angizonde ngaloluhlobo ngoba ngenzeni kuye,” kusho uMavis.
Ongumakhelwane wakhe uNkk Ndlovu uthi yena uma yenzeka lento usuke engaphandle kodwa engaboni. “Ngelinye ilanga kusha ikamelo ngabona ngentombazane esakhelene nayo ifika igijima ithi kuyasha kwamakhelwane nami ngaqala ukubona lapho kodwa umlilo wawusuvele usuqedile ukucekela phansi impahla,”kulanda uNkk Ndlovu. Bathi lo Mlilo unelangabi abangakaze balibona emhlabeni elingacisheki kuthi noma becisha noma bebiza izicishamlilo kusuke sekuvele kumoshakele.
Ofisa ukusiza lo mndeni nganoma ngabe yini angashayela intatheli yethu uBongane Motaung ku-078 718 1827.

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Terry Worley

Terry Worley has been associated with the Courier for many years and is involved in the community covering a variety of issues affecting residents. He has a passion for local politics and for the history of the area.

Related Articles

Back to top button