I-ANC ne-NFP Idube umhlangano Womkhandlu eNquthu
The Nquthu Mayoral election has been stalemated with a stand off between political parties
Uqhubeke zingekho ezika-Msholozi no VZ Magwaza owokukhetha uSodolobha noSomlomo eMkhandlwini Wase Nquthu ngoMsombuluko, ngoLwesine olwedlule. Lo mhlangano awuzange waba impumelelo emva ngokuba abe-EFF beshintshe uNtshangase awayesegcotshelwe isihlalo sabo bafaka uNobhala weqembu esifundeni uMbongeni Mdletshe. UKhongolose ugxeke u-IEC ngokungabazisi uma kunoshintsho. Ezika-Malema noMaimane zenze umbimbi ne-IFP ukuze kuqunjwe phansi uKhongolose njengoba kade besho ngazwi linye ukuthi kunenkohlakalo. I-IFP iwine izihlalo ezingu-17 kwezingu-16 zikaKhongolose emva kokhetho. I-ANC ne- NFP abalubhadanga emhlanganweni, kodwa amaqembu asele aqhubeka nokhetho.
OwayenguSekela dolobha womkhandlu uKhansela Kunene nguyena obephakanyiswe iqembu leNkatha wathatha isihlalo sikaSodolobha Kanti iSekela lakhe ngu Khansela Nothile Zungu oseqnjini lakhe.
I-IFP ithole izihlalo ze-Exco ezine ezengamelwe ngu-Khansela Siyabonga Kunene, Khansela Nothile Zungu, Khansela Pertuna Ntombela, Khansela Mongiwe Ngobese. I-ANC ithole izihlalo ezintathu okungakaziwa ukuthi zizokwengamelwa ngobani njengoba bengahambisani nalolukhetho.
U Khansela Mbongeni Mnguni ethatha isihlalo sakhe, ubonge kakhulu eqenjini lakhe Nkatha ngokumethemba ukuthi angaba nguSomlomo woMkhandlu. Uqhube wathi ”ngibonga ngisho uMntwana Ka Phindangene, ngibonge nakuma ‘fighters’ (EFF) kanye ne-DA ngokubambisana kwabo, ngathi. Sengathi singaqhubeka kanjalo nakuba isizulu sithi akukho soka ladla kahle imbangi ilambile.”
UMama Nhlebela we-NFP uthe bona bazi ukuthi umhlangano uhlehlele ingoLwesithathu lomhla ka-24 August. ”Simangale uma sibona u-Manager womkhandlu uMnuz Gumbi engaphakathi emhlanganweni ngoba besitshelwe ukuthi umhlangano awukho.” Uqhube wathi yingakho bebezipholele ehotela eliseduze nomasipala.
UKhansela Joe Motloung uthe, ”asingenanga kulomhlangano ngoba awukho emthethweni, thina silinde umhlangano wangoLwesithathu ozoba nezikhulu zika-COGTA, kusko uKhansela Nhlebela.”
Incwadi ephuma kwa-COGTA kuthiwa ikhomba ukuthi umhlangano wangomSombuluko uhlehlele ulwesithathu. Uthi uMama Nhlebela iNkatha yathi yona ifuna ukuhlala kulomhlangano.
U Menenja woMkhandlu uMnuz Gumbi ukuqinisekisile ukuthi umhlangano ubuhlehlisiwe.
”Ngibatshelile abe Nkatha, bathi bayaqhubeka bona futhi mina ngingaphumi.”U Mnuz Gumbi uthe uwubikele uMnyango waka-COGTA yize engazi ukuthi kuzoqhubekani ngezinyathelo zabo kodwa usebazisile.
Selokhu kuqale ukhetho lohulumeni baseKhaya uKhongolose ne-NFP bakhala ngokuchema kuka IEC, phambilini bakhononde ngokuphambana kwamavoti ngokhetho. ”Yebo iphutha lenzeka, kodwa nathi kuyasidida ukuthi yonke leyo miphumela yayidlule kanjani kuma-Auditors engabonaga phutha,”kusho uMnuz Gumbi.”UNtombela ukuqinisekisile ukuthi imiphumela yokhetho ikhululekile, ayichemile futhi angeke ishintshe iyiyona yona, nalapho okunezinsolo zokungahambisi kahle njengakwa-Ward 10 eNcepheni lukhona uphenyo oluqhubekayo ukuqinisekisa izikhalazo zomaqembu ngokhetho.