Ikhansela nomkhankaso wentuthuko kwa- ward (16) eNquthu
Ukhansela ubehanjelwe umphakathi ongaphezu kuka R150 emhlanganweni kaGesi ohambe uhlome ngolukhulu ulwazi kanti futhi usebenzisana kahle no-CDW e-ward (16) uNimathemba Buthelezi kulezizinhlelo.

Isimo asisihle ngaphansi komkhandlu kamasipala wase-Nquthu njengoba sekuze kwangenelela uNgqongqoshe emva kokuba kukhona ukungaboni ngasolinye phakathi kwamaqembu epolitiki.
Umphakathi ukhala kakhulu ngokunqamuka kwamanzi eDolobheni. Sihambele umphakathi wase-Ward 16 oveze ukuzuqhenya ngekhansela labo elisha uFukang Molefe ongene ezicathulweni zika Manqukela Moloi.
Uthi uMolefe usebe nemihlangano engaphezu kwemihlanu nomphakathi kanti futhi umphakathi nawo ubonakala unesasasa lokuhambela lemihlangano. UMolefe uthi utshele umphakathi ukuthi kufanele ukuba ubekezelele isimo esiqhubeka emkhandlwini.
“Ngizohlala ngingowenu futhi ngiseduze nani, konke enikudingayo ningaxhumana nami sikulungise nabaphethe umkhandlu.”
Lokhu ukutshele umphakathi waseNkande eSigqumeni ngoLwesibili olwedlule ehambisana no-CDW uNomathemba Buthelezi asebenzisana naye.
Isikhulumi sosuku esibuya kwa-Eskom, uMnuz Mnguni ushiye umphakathi ugculisekile ephendula imibuzo futhi kwaxazululeka nezinkinga obubhekene nazo. UMolefe uthe inkontikeka isikhona endaweni ukuzochibiyela emizini emisha.
Eminye yemihlangano kakhansela kube ukuhlomulisa umphakathi ngolwazi lwezokuthenga nokuphatha izimali.
Bekukhona abeluleki bakwa -Old Mutual abawuqwashise umphakathi ngokuphathwa kwezimali kanti futhi abakwa- consumer services bona baweluleke ngamalungelo okuthenga kanye nobugebengu obuqhubeka ezimakethe ngamaholidi. Kukhalazwe ngamabhange lapho abantu bedonselwa izimali kanye nogogo abadonselwa imali zabo yimishwalense abangayazi. Uthe lokhu kudalwa ubudedengu bokulahla noma ukushiya imininingwane yabo noma kuphi, kanti futhi okunye kudalwa intsha esuke isebenza bese yenza ubugebengu. Kokunye kuba yibona abasebenzi bakahulumeni abenza ubugebengu emiholweni.
UNgqongqoshe wezeNhlalakahle usehlelela ogogo umasincwabisane kahuluneni ukuzama ukugwema lesimo.
Lo mnyango uphinde umele amakhasimende angagculisekile ngosizo lwabahwebi kanti abanenkinga ephathelene nalokhu bangashayela kulenombolo 071 613 1145
Ingxenye yosomabhizinisi base Haladu bancome ikhansela ngemisebenzi yalo emphakathini nanxa lingakagcotshwa. Kulendawo kunomfelandawonye ohweba phesheya kwezilwandle ngoboya bezimvu abazifuyile obukhiqiza i-Wool. Amalungu omfela ndawonye aveze ukuthi ikhansela lineminyaka eyisishiyagalolunye libasiza kuloluhlelo, kanti selokhu lingenile esikhundleni libalethele imboni abahweba nayo ukuba izobaluleka ngebhizinisi labo ngenyanga edlule.
UMolefe uthi abantu baphelile yipolitiki kodwa yena uzimisele ngokuba umngani nomphakathi wakhe futhi awuhlinzeke ngezidingo ngaphandle kokuchema nepolitiki. Ukhansela ubehanjelwe umphakathi ongaphezu kuka R150 emhlanganweni kaGesi ohambe uhlome ngolukhulu ulwazi kanti futhi usebenzisana kahle no-CDW e-ward (16) uNimathemba Buthelezi kulezizinhlelo.



