Editor's choiceLocal newsNews

UNgqongqoshe ujabulela uKhisimuzi nomphakathi eNquthu

MEC brought with her some festive joy to the rural Nquthu area

UNgqongqoshe wezemidlalo, ubuciko amasiko nokuncebeleka Kwa-Zulu Natal uNkkz Bongi Masithole Moloi udlele ekhaya amaholidi kaZibandlela ngokuba enze izinhlelo ezijabulise umphakathi wonkana eNquthu. UNgqonqgoshe usanda kubonga uNkulunkulu ngokugcina umndeni wakhe ngedili lomcimbi.
Utshele umphakathi ukuthi uma uno Nkulunkulu indlela iyashintsha. I-Gospel Festival ibimgo mhlaka 27 ngoLwesibili. Lomcimbi ububophele osaziwayo bomculo wokholo ngenhloso yokudumisa ubukhulu bukaNkulunkulu. Umphakathi usale uvuselelekile futhi wakujabulela ukubona osaziwayo okubalwa phakathi kwabo u-Sbu Buthelezi woKhozi Fm odabuka khona eNquthu, ubaba uNjilo ohola ithimba leButhathu and Suppliers elisiza umphakathi ngokomoya, osomabhizinisi bendawo abahlonishwa ngemisebenzi yokunikela emphakathini umama Omedia Buthelezi, uMophet Mosia we-Ocean Dollar. Eshashalazini bekuboshelwe uSgwili noBabo, Thobekile Mkhwanazi, Shongwe and Khuphuka Saved, Abanqobi, UNjilo eveza inhloso ya lo mcimbi uthe “sizobuyisa ithemnba eNquthu ukuthi ithemba, lisekhona kubaba.”
UNgqongqoshe ubonge umphakathi ofinyelele ngobuningi kulomcimbi, waxwayisa umphakathi ngobungozi bokwemuka kwezingane emifuleni ngamaholodi. Ube esethula izinhlelo zokwakhiwa kwama-Swiming Pool azokwakhelwa umphakathi waseNquthu maduzane ukuze kuthuthukiswe amakhono okubhukuda emakhaya.
Uthe lomcimbi kuhloswe ngawo ukuheha abantu bakude ukuze bazoyazi indawo yase-Nquthu. “Ngusuku olukhulu kimi namuhla ngoba sibabaza uNkulunkulu. Nami ngiyavuseleleka ngoba amandla kaNkulunkulu awatholakali ezitolo. Nginifisela uNkulunkulu anilonde enyakeni omusha,”kusho uNgqongqoshe. Ukhuthaze umphakathi ngokuthi uthandane kuze uzophila ncono. UNgqongqoshe udlulise amazwi enduduzo emindenini kanye nasemphakathini ngokulahlekelwa iqhawe lika Masikande uNgane Ziyamufisa odabuka eNquthu kanye no Sfiso Ncwane wodumo wengoma yokholo ethi “Kulungile Baba”, Ube esenxusa osomaciko ukuba bambisanea, bathandane futhi babekezelelane ngoba uNkulunkulu uzobandisela izibusiso ngokuthandana.

Girls were hap\py with their gifts they received from, MEC Bongi Masithole Moloi.
Girls were hap\py with their gifts they received from, MEC Bongi Masithole Moloi.

U-Sbu Buthelezi obengumphathi wohlelo naye ubekujabulele ukuba ngakubo uthe, “enyakeni omusha sifisa i-Nquthu ibematasa ikakhulukazi emikhakheni yezemidlalo ubuciko amasiko nokuncebeleka.” Lezi ezinye zezinhlelo eziqinisekisiwe e-Nquthu ukuthuthukiswa kwamakhono. Khona manjalo etendeni kunikezelwe i-Grosa kuGogo Ngobese ohlala nezintandane ekhaya kanye nomama Ntombela obengazi ukuthi uzolala edleni.
UButhelezi uthe iyishumi iminyaka besiza umphakathi ngokusebenzisana nobaba uNjilo kanye nomama-Omedia we-Omedia Companies, ngokusebenzisana nenhlangano engenzi nzuzo kuzwelonke i-Gift of the Givers. Uphinde wethula uhlelo lokunikezela ngama-Sanitary Pads. Uqhube wathi wezwa ubunzima ngenkathi echazelwa ngobuhlungu obuziwa ngamantombazane aya esikhathini engenazo lezinsiza.” Imininingwane egcwele izomenyezelwa emsakazweni uKhozi Fm nasezitolo ze-Omedia Companies mayelana nokubhalisela loluxhaso oluzohlinzeka intombazane ngayinye ngama Sanitary Pads azoqhuba izinyanga ezintathu ngamunye.
UNgqongqoshe akagcinanga lapho ngoLwesithathu , undlulele, emzini wakhe kwa-Moloi eNquthu esigodini saseZicole lapho nomkhwenyana wakhe u-Lucky Moloi benzele izingane zaseNquthu ukhisimuzi. Ethula inkulumo kodado, uyaqonda ukuba izingane zifanele ukuthola uthando nokujabula yingakho ezibizile ngoba uyazithanda. Ekhuluma neNtatheli yePhephandaba uthe, isibalo sabantwana sibe ngaphezu kuka 300 kulomcimbi kanti ubelindele abangu-100. Noma kunjalo ke bonke labantwana bakwazile ukujabula futhi bathola izipho ezahlukehlukene okubalwa kuzo amaswidi, amakhekhe, amathoyizi baphinda badlala imijikelo kanye nokufunda ukugibela amahhashi. Uyale odado ngothando luka Nkulunkulu.Wbe esenxusa ukuba baziqhelelanise nezidakamizwa ukuze babe nekusasa eliqhakazile.
UNgqongqoshe uphinde wadlulela ku-ward 17 phansi kukaKhansela Zikode esigodini sase Nkande eNgolokodo lapho enzele khona ogogo nomkhulu ukhisimuzi. Ihholo lomphakathi beligcwele izinsizwa nezintombi ezindala zaseNquthu ngokuhlukana kwamawadi kuvalwe ngomuntu emnyango. Abadala bancome uNgqongqoshe ngokubakhumbula.

Bongi Masithole Moloi, MEC for Department of Sports and Recreation, brought joy to her home area of Nquthu over the festive season when she handed out much-needed umbrellas to the elderly in the community
Bongi Masithole Moloi, MEC for Department of Sports and Recreation, brought joy to her home area of Nquthu over the festive season when she handed out much-needed umbrellas to the elderly in the community

UBhekinkosi Ndlovu (77) unguSihlalo weqembu lemidlalo yabadala eMasotsheni ngaphansi koMzinyathi Golden Games, uthe “kube kuhle kakhulu futhi sibonisiwe ukuthi siyahlonishwa.Noma sesibadala.” Omunye wogogo obejabule uTryphina Zulu uzwakale ehholo ememeza uNgqongqoshe ethi “Ngonyaka ozayo sicela uphathe nozokhuluma nezintombi nezinsizwa ukuze kuzozwakala kahle kuzo iziyalo zakho ntombi. Siyabonga.” Izigaba zalomcimbi kade zizine, kwesokugcina kuhlonyuliswe i-Kutlwanong Cooperatives, ezinze eNkande ngomshini wokuthunga. Lelithimba libonge ku Ngqongqoshe nokhansela uZikode ngokubakhumbula.
UKhansela uZikode owengamele leliwadi ebonga uthe “angibonge kakhulu kuMasithole Moloi sibonge noBaba u Moloi ngokusitholela umakoti omuhle owazi uNkulunkulu futhi okhuthele. UNkulunkulu abagcine ngomsebenzi omuhle ongabandlululi futhi ongakhethi muntu abagcine njalo.”
Izipho zikakhisimuzi ezethulwe kogogo kube izinduku zokudondolozela, iGrosa, izihlalo zokuhamba abakhubazekile kanye nama ambulela okuvikela Ilanga. Omunye wogogo othole isihlalo ubonge kakhulu ngesihlalo wathi ababusiswe abenza okuhle ngoba usezokwazi ukuhamba ayohlanganyela nabanye Ogogo endaweni. Lezihlalo zihlinzekwe inhlangano i-Iirosa (International Islamic Relief Organization of South Africa).
NgoLwesihlanu umnyango udlulele esigodini sase Qhudeni engomeni kashameni ngaphansi kweseNkosi uSithole.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Terry Worley

Terry Worley has been associated with the Courier for many years and is involved in the community covering a variety of issues affecting residents. He has a passion for local politics and for the history of the area.

Related Articles

Back to top button