communityEditor's noteLocal newsNews

Bakhala ngosizo locwaningo ngomgodi ovele ebaleni

Lomgodi olinganiselwa kuma-mitha amahlanu ububanzi bese kuba amanye amathathu ukuyaphansi

Umndeni wakwa Cebekhulu endaweni yaseNondweni e-Section 5 uthi udidekile ngekusasa lawo njengoba kuvele umgodi abangawazi ukuthi udalwa yini ebaleni.
Lomgodi olinganiselwa kuma-mitha amahlanu ububanzi bese kuba amanye amathathu ukuyaphansi, awumile kodwa ulokhu uqhubekile kanti abakwa Cebekhulu bathi badinga usizo lokuthi bazohlolelwa ukuthu udalwa yini futhi uzo vuleka uphelele kuphi.
UMnu Maqhawe Cebekhulu uthe “ngakhula kunendunduma kulendawo kodwa omkhulu bethu babesitshela ukuthi kwakuyimayini yamatshe amhlophe”. Asazi ukuthi ngaphansi sekunani futhi wavuleka nini, kodwa kwaqala ngokuthi kuvele ingazuka odongweni lwendlu kuthe kusenjalo sabona ngomgodi usuvuleka emva kwendlu , eqhuba. Bahleli nje kodwa abathembe lutho ngoba nempilo yabo isengcupheni.
Umama wekhaya osemdala uthe “sithukile futhi siyesaba ukuthi kukhona okuzophuma kodwa akukaphumi lutho”. Nami angisakhumbuli kahle kodwa ngiyakhumbula ukuthi mhla ngizoganwa ngo-1960 kwakunemayini endaweni,eqhuba.
Unkosikazi kaMaqhawe u-MaSithole Cebekhulu yena uthe usabela abantwana nemfuyo engase iwele ngaphakathi kwalomgodi, uqhube wathi balibikele ikhansela lendawo ngalo mgodi lathi uyingozi kodwa lidlulisele isikhalo sabo emkhandlwini ukuzama ukubalekelela.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button