Unikele ngezicathulo umfundi omdala
Unemibono emingingi uMbongeni ngalesi sikole ufisa nokuthi ngelinye ilanga kube isikole samabanga aphezulu, kufundiswe nomphakathi ngezolimi nokunye okuningi.
Umfundi owayefunda Engudumeni Primary School uMbongeni Mdunge, osengu Senior Regulatory Reporting meneja ehhovisi laseNedbank, unikelele bonke abafundi ngezicathulu zesikole ezibalelwa ku-84.
Lento ayenzele izingane zase Engudumeni Primary ibingancane neze, kakhulu kazi ngoba izingane eziningi ziyantula kulesi sikole. Bekugcwele injabulo kubazali kanye nezingane ngenkathi zibungaza lolusuku obelukhulu ezimpilweni zabo ngeviki elidlule.

Uthishahloko uMrs Cele wamukele zonke izihambeli kanye nabazali waphinde wakubeka obala ukuthi abantwana ababhalise emvakwa Masingana angeke bathole izicathulo ngoba kwasekubhalisiwe amagama azozonke izingane ngokuvulwa kwezikole ahanjiswa kuMbongeni nethimba lakhe.UMbongeni usukume ngenjabulo emvakokubona abantwana becula futhi bedansa okustengisile ukuthi bonke bebethokozile. Ukhulume wathi “lesi esinye sezikole ezindala lapha endaweni, ngisho ngoba phela nomama wami ongizalayo imbala wayefunda lapha, benginoqozu lokwenza into enhle lapha esikoleni ngaze ngacela kwozakwethu esasifunda nabo ukuthi asihlangane, kodwa kwangenzeka. Lokhu okuzange kungiphule umoya ngoba ngikwazile ukucela uNedbank ukuthi ungixhase ngaleliphupho lami lokunikela ngezicathulo lapha esikoleni.

Omunye engazi buza ukuthi indaba ngikhethe izicathula kunomfanekiswane wesikole, impendulo yami ithi ngoba sikhula sasihamba ngezinyayo amabanga amade, ubusika nehlobo futhi senganaki ngoba ngalesiyasikhathi sasintula kakhulu emakhaya. Kwakujwayelekile ukuthi ingane ihambe ngezinyawo uma iya esikoleni. Ngiyazi ukuthi mangabe unezicathulo uyanethezeka ukwazi nokuhamba amabanga amade, ngifisa abantwana bonke bazi ukuthi ngalezicathulo ngithi kubo “hambani ngazo nifeze amaphupho enu”, abazali benu banixhase indlela yonke.”
UMbongeni uphinde futhi wacela kothisha ukuthi balethe ama-career guidance ukuze abantwana babone ukuthi miningi imikhakha abangayifunda kuyona langandle. Unemibono emingingi uMbongeni ngalesi sikole ufisa nokuthi ngelinye ilanga kube isikole samabanga aphezulu, kufundiswe nomphakathi ngezolimi nokunye okuningi.




