
Lolo Madonsela
Umphakathi wasendaweni yaseMadresini eMondlo usashaqekile ngemumva kokubulawa kowesifazane ngowayeyisoka lakhe, aphinde abe nguyise wabantwana bakamufi..
Umbiko wamaphoyisa uveze ukuthi ngomhla ka 11 kwephezulu, ngezikhathi zehora le 19:30 ebusuku, umufi Nksz Lindiwe Motsima oneminyaka engama 28 wahlangana nomsolwa owayeyisoka lakhe lakudala elabe selumncenga ukuthi babuyelane. Kuthe kusenjalo kwaqhamuka omunye umlisa okunguyena osethandana no mufi okuyilapho okusuke khona ingxabano phakathi kukamsolwa kanye nesoka elisha likamufi.
“Umsolwa wakhipha izembe wazama ukugadla esokeni lika mufi kodwa wehluleka. Umsolwa wabe esejikela kumufi wamhlahlela ngezembe, waphangalala khona lapho. Umsolwa wabe esezinikela emaphoyiseni akhona eMondlo, lapho abomthetho base beyamuvalela estokisini; kwase kuvulwa icala lokubulala”, kuchaza umbiko wamaphoyisa.
Umfowabo kamufi, uMnu Sifiso Motsima uveze uk’hathazeka noku hlubuka okukhulu njengomndeni.
Also read Kuboshwe owesifazane kwelokubulawa komyeni wakhe
“Sishaqeke kakhulu singumndeni, futhi sihlukumezekile emoyeni ngoba udadewethu waphuma eya ezitolo akangabe esabuya. Imiphefumulo yethu yephukile kakhulu, ngisho nomphakathi ushaqekile ngalesisegameko”, kuchaza uMnu Motsima.
Ube eseveza nokuthi abomthetho abakaze beze bezochazela umndeni ngalesi sehlo.
“Amaphoyisa awakaze nje afike ngisho nokuzosibuza ukuthi siyalivula yini icala noma asichazele ukuthi umsolwa wafike wachaza wathini kubo ngesikhathi ezozibophisa. Sisebumnyameni nje. Asazi noma usevelile enkantolo noma ikhona esazovela, asazi lutho nje.
“Ulwazi oluncane esilutholayo ngokushona kuka dadewethu, ulwazi nje esiluthola ngongizwa, asinasiqiniseko ukuthi kwenzakalani kahle kahle”, kuqhuba uMnu Motsima.
UMnu Motsima utshele leli phephandaba ukuthi umsolwa, ophinde abe wuyise wabantwana ababili bakamufi ubesenesikhathi esingangonyaka ahlukana nomufi. Waveza nokuthi umufi waze wathola incwadi eyisivimbelo senkantolo (protection order) emaphoyiseni ngoba umsolwa wayemhlukumeza.
“Noma sebehlukene, lo mlisa wayelokhu ehlukumeza udadewethu waze wagcina emtholela incwadi yokuzivikela kodwa lo mlisa wayengayeki ukumthuka, ame bufuphi nasekhaya amemeze udadewethu, emusho nangezinhlamba. Kwakufanele ngabe waboshwa ngalesosikhathi ngoba wayesephikisana nalencwadi yokuzivikela.
Kodwa sasicabanga ukuthi uzokhathala, ayeke.
“Uhlukumeza udadewethu nje, nezingane zakhe ubengazondli, bezondliwa umndeni kanye no dadewethu. Mina angazi indoda enjani enegqubu lokuthi yaliwe, ibambe igqubu unyaka wonke ize ligcine limenzakalisile udadewethu. Sonke siyaliwa kube buhlungu lokho okwesikhashana, bese siyakudlulisa futhi.
Mina nje angikaze ngifise ukumbulala owesifazane osengilahlile, indoda enjani le?
Usihlukumezile kakhulu emoyeni”, kusho uMnu Motsima.
Umphakathi wakulendawo kanye nabathize bomndeni banxuse ukuba umsolwa akhishwe ejele ukuze umphakathi uzomfundisa isifundo ngalesi senzo sakhe.
“Khona impela umphakathi namanye amalunga omndeni athi akadedelwe ukuze bazibambele yena ngezandla, bamfundise isifundo kodwa umthetho awukuvumi lokho.
Kuzomele siwudedele umthetho uthathe indima yawo noma nabo nje besasishiye ebumnyameni ngokuthi kwenzakalani ngomsolwa”, kuqhuba uMnu Motsima.
Umphakathi uphinde waveza ukuthi uphezu kwamalungiselelo okwenza umhlangano ozoxwayisa ngokuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane njengoba omunye umlisa wakuyo lendawo ezame ukubulala owesifazane ngokumsaha uqhoqhoqho.
Okhulumela amaphoyisa ku Zululand Cluster, uKapt Nkocy Gwala uthe, “Singabomthetho sithanda ukudlulisa ukuzwelana no mndeni kanye nabangani baka Nksz Motsima, ngokulahlekelwa ilunga labo ngalendlela. Siyakugxeka ukuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane, umthetho uqinisa isandla ngezigameko ezinjengalezi.
Kuyaduduza ukuthi abasolwa basejele kanti nabaseshi bethu bazosebenza kanzima nangokuzikhandla ukuze abasolwa bathole izigwebo ezibafanele”.

Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates






