Local newsNews

Isexwayiso esiphuthumayo esivela e-Dundee Stock Theft Unit

Uma kukhona into esolisayo xhumana nomuseshi wecala lakho.

Umphathi wase Dundee Stock Theft Unit uNks Amanda Bezuidenhout, ukhiphe isixwayiso esisheshayo mayelana nesigilamkhuba isizenza umsebenzi wase Dundee Stock Theft.

Lomuntu ufonela abafuyi abalahlekelwe ukuthi mabakhokhe imali ukuze bathole imfuyo yabo.

“Lokhu kusidalela inkinga enkulu ehhovisini lethu kanye nabamagali, njengoba sisibenza ngengehhovisi lomthetho asikaze sifune imali noma isenxephezelo ukuze sibuyise imfuyo elahlekile”, kuchaza uNks Amanda.

Umphakathi uyanxuswa ukuthi ungakhokhi mali futhi unganiki muntu imininingwane yabo yasebhange. Uma kukhona into esolisayo xhumana nomuseshi wecala lakho.

ALSO READ: Dundee stock theft is on the increase


HAVE YOUR SAY:
Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button