Local newsNews

Ungene onyakeni omusha ngobumnyama

“Ngidle uKhisimuzi ngobumnyama ngangena onyakeni omusha ngobunyama".

Lolo Madonsela

Ugxeka umasipala abaQulusi ugogo Sinakile Mtshali (66) odle uNcibinjana ngobumnyama; ekhala ngokungalungiselwa ugesi.

Ugogo Mtshali ohlala endaweni yase Sasko Block B ebaQulusini uthe selokhu wamoshekelwa ugesi ngezimvula ezinkulu zango November enyakeni ofile.

“Kusukela ngo November ngeskhathi sihlaselwe izimvula ezinkulu, kwamosheka ugesi. Ngalubika udaba kumaspala ngoba othayela baphephuka banqamula amandla kagesi.

“Bangitshela ukuthi angithenge ugesi bese ngiwuletha emahhovisi ukuze bezokwazi ukungifakela ngoba mina angisakwazi ukuwufaka ngokwami. Inkinga kuphela amalanga bengafikile ukuzowufaka noma ngiwuthengile”, kusho ugogo Mtshali.

Uqhube wathi, “Ngidle uKhisimuzi ngobumnyama ngangena onyakeni omusha ngobunyama. Kahle kahle uDecember wonke bengisebumnyameni. Ngize ngamoshekalelwa nawukudla. U 25l webhakede elaligcwele inyama yabola yonke. Ngibuhlungu ngalento eyenzakalayo, abakhombisi ukungizwela kwamaspala”.

Ugogo Mtshali uveze ukuthi abasebenzi bakamaspali uma bethuke bafika ukuzofaka ugesi bayaye bachaze ukuthi uqhwakele phezu kwengozi njengoba izintambo zingagqamuka amalangabi noma inini.

Also read: Cable theft costs AbaQulusi R100 000

“Bayasho ukuthi ngisengozini njengoba kunjena nje la endlini kodwa akukho abakwenzayo ukungitakula, ngiye ngitshelwe ukuthi umaspala awunayo imali yoku thenga intambo kagesi entsha. Angazi noma bafuna ngizithengele yini? Kodwa ngiyaxakeka ukuthi ngingayithenga ngani ngoba ngihola impesheni nje; futhi lentambo akuyona eya phakathi endlini; intambo kagesi esuka esigxotsheni ngaphandle. Ngikhathele nawukupheka phansi manje. Angisazi kumele ngikhale kubani ngoba usizo angilutholi kumaspala”, eqhuba.

Okunye okuvelile ukuthi ugesi akuyona kuphela inxakanxaka ugogo Mtshali abhekene nayo njengoba abazukulu bakhe bevuthiwe emzimbeni, izilonda ezidalwa ukuzenywaya ngoba bedliwa imiyane. Indlu ka gogo Mtshali yakhiwa phezu kwexhaphozi lokho okubanga imiyane, uze wagubha umsele ukulekelela ukuthi amanzi egelezele emgwaqeni.

“Selokhu ngangena kulendlu ngo 2013, ngangena kunaleli xhaphozi, ngisola ngathi kunespethu ngaphansi ngoba amanzi ayageleza mihla namalanga. Nakho lokhu ngakubika kumaspala kodwa lutho usizo olufikayo. Abazukulu bami babolile emzimbeni badliwa ilemiyane eminyama ebangwa ilamanzi asegcekeni. Noma beya emtholampilo kodwa kuphinde kuqale phansi ngoba lesi isimo semihla yonke”, kuchaza ugogo Mtshali.

Ibambela eliphethe umaspala, uMnu ZP Shongwe uthe ubengenalo ulwazi ngesimo sika gogo Mtshali; ube esecela imininingwane ka gogo waphinda wathembisa ukuthi uzolufakela izibuko ngokukhulu ukuphuthuma loludaba.

“Ngiyethembisa ukuthi ngizothumela abantu ngokushesha ukuze bayocwaninga isimo bese ngithatha izinyathelo emva kokuthi sengithole umbiko ophothuliwe”, kuqinisekisa uMzu Shongwe.

Gogo Mtshali says she is tired of cooking outside.

Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Check Also
Close
Back to top button