Kufunwa umndeni kamufi
Niyanxuswa ukuthi nixhumana namaphoyisa ase Nquthu ku-034 271 6001 noma uDetective Nkosi (072 137 8889).

Kwatholakala isidumbu sentombazane ebikhulelwe enezinyanga eziyisikhonisa ngaphansi kwebhulohwe e-Mzinyathi Bridge (Buffalo River Bridge).
Isidumbu sentombazane, okulinganiselwa ukuthi ibineminyaka ephakathi kuka-16 no 20 ubudala, satholakala ngaphansi ebhulohweni emgqaqeni wase Nquhtu ngo Januwari 3.
Umufi wayeqoke isikibha ezibombu kanye nejini ekuhlaza, umufi ubenezinwele ezincane futhi ephakathi nendawo ngesisindo.Watholwa unogada wase Mbube, ekuseni ngawo umhlaka 3.
Ngokusho kuka Museshi Nkosi wase Nquthu SAPS, le ntombazane yatholakala inamanxeba okugwazwa emzimbeni wayo wonke futhi ezithwele. Kunxuswa umphakathi ukuthi uma kunentombazane elahlekile ebikhulelwe baze emaphoyiseni ase Nquth, imininingwane yomufi ayaziwa.
Niyanxuswa ukuthi nixhumana namaphoyisa ase Nquthu ku-034 271 6001 noma uDetective Nkosi kulenombolo 072 137 8889.

HAVE YOUR SAY:
Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za



