Ulwazi ngobhubhane lwesifo somkhuhlane (coronavirus)
'Leligciwane liyathathelana ukusuka kumuntu osenalo liye kumuntu ongenalo.'

Igciwane icorona (COVID-19) litholakala kakhulu ezilwaneni kanti esimweni esingajwayelekile liyathathelana ukusuka ezilwane liye ebantwini.
Leligciwane lingabanga ukugula ebantwini, ukugula okufana nokucinana kwesifuba okufana nokucinana uma unomkhuhlane.
Lithathelana kanjani:
- Leligciwane liyathathelana ukusuka kumuntu osenalo liye kumuntu ongenalo. Indlela elithathelana ngayo ifaka
- Ukukhwehlela noma ukuthimula
- Ngokuthintana okufaka nokuxhawulana
- Ukuthinta lapho kunegciwane khona bese uzithinta emlonyeni, emakhaleni noma emehlweni ngaphambi kokuhlamba izandla
- Ngendle ( yize lokhu kungavamisile)
Izimpawu:
- Amafinyila
- Umphimbo obuhlungu
- Ikhanda elinkenkethayo
- Isifuthefuthe
- Ukukhwehlela
- Nokungazizwa uphilile emzimbeni
Kanti labo ababuthakathaka njengabantu abadala kanye nezingane; leligciwane lingabanga ukucinana okumandla, kokushisa kwamaphaphu (inyumonya).
Izindlela zokuzivikela kuleligciwane:
- Geza izandla njalo ngamanzi ne nsipho okungenani imizuzwana engama 20. Uma amanzi nensipho kungekho, sebenzisa isihlanzazandla esinengxube ebulala amagciwane (sanitiser).
- Uma ukhwehlela futhi uthimula, mboza umlomo nekhala ngokugobisa indololwane noma ngethishu – ulahle leyo thishu ngokushesha bese uhlanza izandla.
- Hlanza izindawo ozisebenzisa njalo ngengxube ebulala amagciwane – izindawo ezifana namatafula, izibambo zeminyango kanye no kunye.
- Gwema ukusondelana nomuntu okwehlelayo noma onomkhuhlane.
- Cela usizo lwezempilo ngokushesha uma unezimpawo ezifana nezomkhuhlane futhi kunzima ukuphefumula.
- Yidla ukudla okuphekisisiswe kuphela.
- Gwema ukuvakasha uma unomkhuhlane noma ukhwehlela.
Gwema ukuthimisela noma yikuphi.
ALSO READ: Coronavirus (COVID-19): Social distancing, self-isolation and quarantine explained
Notice: coronavirus reporting at Caxton Local Media aims to combat fake news
Dear reader,
As your local news provider, we have the duty of keeping you factually informed on COVID-19 developments. As you may have noticed, mis- and disinformation (also known as ‘fake news’) is circulating online. Caxton Local Media is determined to filter through the masses of information doing the rounds and to separate truth from untruth, in order to keep you adequately informed. Local newsrooms follow a strict pre-publication fact-checking protocol. A national task team has been established to assist in bringing you credible news reports on COVID-19. Readers with any comments or queries may contact National Group Editor, Irma Green (irma@caxton.co.za) or Legal Adviser, Helene Eloff (helene@caxton.co.za).

HAVE YOUR SAY:
Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za. Add us on WhatsApp 071 277 1394.



