UMeya wasoLundi uvakashele eBabanango
"Ukuphepha kwenu nokuzivikela kulolubhubhane kubalulekile kithi njengomasipala wenu ngoba lokho kuzobe kwenza ukuthi izwe lethu lithuthuke liye phambili".
Indawo yaseBabanango ngaphansi kukaMasipala wasoLundi engaphansi kuka Wadi 16 ibe ngezinye zezindawo ezivakashelelwe iMeya uWilson Ntshangase ngenhloso yokushaya ikhwela ngesifo se coronavirus.
Umphakathi wakulendawo ububonakale wethukile kepha ubuyilandela imiyalelo kaHulumeni yokuzigcina usendlini.
Kulabo abebesezitolo bavumile ukuthi bazwile ngalolubhubhane bakuveza ukuthi lesi sifo ababoni ukuthi sesifikile kulendawo.
UMeya uNtshangase ubehambisana nekhansela lewadi uMkhawuleni Buthelezi kanye nabasebenzi baka masipala benikela ngama sanitiser.
Ekhuluma uMeya uNtshangase unxuse abantu baseBabanango ukuba balandele yonke imigomo kaHulumeni elokhu ikhishwa kwabezindaba.
Also read: Ulwazi ngobhubhane lwesifo somkhuhlane (coronavirus)
“Ukuphepha kwenu nokuzivikela kulolubhubhane kubalulekile kithi njengomasipala wenu ngoba lokho kuzobe kwenza ukuthi izwe lethu lithuthuke liye phambili. Abantu abazigeze izandla, bese behlala emakhaya bengabi uvanzi emphakathini ukuze kuliwe nokubhebhetheka kwalesi sifo kunqandeke nokuthelelana. Sizoqhubeka nokuhambela izindawo ezahlukene ngaphansi koLundi njengoba siluqalile loluhlelo edolobheni ngeledlule.” Lendawo yase Babanango ibuqamama nedolobha nokwenza ukuthi kube nendawo enezitolo eziseduzane nalo mphakathi okwenza kube lula ukuthi usheshe uthenge izinto eziseduzane. Kulabo abaziphawulele ngalesi simoom, uNkk uZesuliwe Shabalala (56) wakhona eBabanango uthe yize lesi sikhathi sifike saphazamisa okuningi; bona njengabadayisi kulendawo balimele kakhulu. “Kuthiwe asihlale ezindlini singaphumi, thina siziphilisa ngokudayisa kulendawo ngoba ne Plaza likude. Abantu bathenga kithi kodwa makunje sikhinyabezeke kakhulu.”
uSakheleni Mthembu (68) unxuse abantu ukuthi balandele imiyalelo kaHulumeni yokuzigcina behlanzekile bephephile kulesisifo. “Sikwenza konke esiyalelwe ukuthi sikwenze ukuze siphephe kulento.”

Make sure you follow us on our social media platforms for regular updates






