Editor's choiceLocal newsNews

Balala ezitaladini zedolobha belinde uR350

Desperation has led people to sleep outside the Nquthu post office in a bid to be first in the queue for the R350 Government grant

Abahlomula ngesibonelelo sikaHulumeni salabo abangasebenzi (R350 Unemployment Relief Fund), bakhathazeke kakhulu ngezimpilo zabo njengoba kuphoqa ukuthi balale ezitaladini zasedolobheni eNquthu beshenxela imigqa wmide ukuze bakwazi ukusheshe bemukele isibonelelo.

Uma kuqhubeka isimo sokhuvethe; kuyacaca ukuthi uhulumeni kumele alubuyekeze udaba lokuthola lemali ngezinye izinhlelo ezifana no eWallet, FET kanye nnezinye ukiqinisekisa ukuthi izimpilo zolusha ziphephile ikakhulukazi emaphandleni. Iningi lalemiphakathi lihamba amabanga amade ukuya ezikhungweni ezisemadolobheni zokuthola lesibonelelo.

Ngolwesibili abasefazane abahlanu kanye nabesilisa abangaphezu kwabahlanu abangathandanga ukudalula amagama abo babikele intatheli ukuthi bafika edolobheni ngoLwesine olwedlule Kodwa umugqa awupheli, kuyabaphoqa ukuba balale ezitaladini ngokuba kubiza imali engalinganiselwa ku-R80 ukufika edolobheni.

“Asisathembi nokuthi kusasetshenzwa ngendlela ngaphakathi noma sekungenwa ngentshontsho ngoba abanye bafika behambe sibhekile”, kusho owesifazane othe ungowaseMkhonjane.

Owesilisa oveze ukuthi udabuka eQhudeni uthe kukude lapho ebuya khona, kanti ukushiya lemali esefikile eduze kwayo akuwona umqondo omuhle, uphethe ngokuthi, “Sicela uhulumeni asilekelele ngendlela ethile ngoba kumanje asidlile futhi asazi solinda kuze kube nini. Mina angiyiboni kahle yonke lento ngoba umugqa umile awunyakazi sdalo”. Seloku kwaqala ukwamukelwa kwalemali, eminye imibiko eyahlukumeza lezi zakhamuzi, kungenkathi kuphele imali ngaphakathi ePosini, nalapho kwaphoqa ukuba iningi labahlali ababevukele khona balale esitaladini.

Related Massive queues on Beaconsfield/Gladstone Streets


HAVE YOUR SAY: Like our Facebook page, follow us on Twitter and Instagram or email us at dundee.courier@caxton.co.za.  Add us on WhatsApp 071 277 1394

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Terry Worley

Terry Worley has been associated with the Courier for many years and is involved in the community covering a variety of issues affecting residents. He has a passion for local politics and for the history of the area.

Related Articles

Back to top button