communityDundee CourierLocal news

Banikele eThusong Centre oZime ngesivivinyo se-Mr and Miss Watersmeet 2023

Onobuhle bahambele eMnambithi Thusong Centre lapho Kade bembisele izintandane iminikelo esivivinyweni sabo se-Charity banikele ngezimpahla zokugqoka nezinto zokugeza i-Cosimetics.

UNomthandazo Ziqubu odabuka eNquthu esigodini saseNdatshana ngomunye wonobuhle abangenele umncintiswano we Mr and Miss Watersmeet, lentokazi isibeka esithombeni ngegalelo labo ebalidlale ngempelasonto ukufaka isandla kumfelandawonye wezintandane eMnambithi.
Lomncintiswano uqale ngo-April Kanti ihlukene izigaba ezintathu okuyi Miss Watersmeet Ambassador, Publicity, ne Public Choice.
Kuningi okwenziwa ngoNobuhle okuyinxenye yezivivinyo zalomncintiswano, singabala ukwenza ama-Donations phakathi kwakho, okuphinde kubhekwe ekugcineni ukuthi ubani owenze Kahle kunabo bonke athole iphuzu.
Ngempelasonto onobuhle bahambele eMnambithi Thusong Centre lapho Kade bembisele izintandane iminikelo esivivinyweni sabo se-Charity banikele ngezimpahla zokugqoka nezinto zokugeza i-Cosimetics.
Mhla zingu 25 kulindeleke ukuthi kwaziwe ukuthi ubani ozoncindela abanye kulomncintiswano njengoba zobe zibambene eWatersmeet Hall khona eMnambithi.
UNoMthandazo Ziqubu unesikhathi esifishane eqale ukumodela, kulemincintiswano emihlanu Miss Ward 16, Miss Valentine, Miss June 16, Miss Youth no Miss Summer akaze wawuthatha umhlanganiso kepha uthi akaphelimoyo ngoba lento isegazini, uyayithanda futhi uyakholelwa kuyona.
“Ngikhuluma nje nginesikole esincane lapho ngidlulisela khona ulwazi enginalo lwe-Modeling ezinganeni ezincane ngakithi.” Kusho uNomthandazo.
Ungavotela uNomthandawo Ku – Facebook afeze iphupho lakhe ngokuvakashela uqwephe lwe Mr and Miss Watersmeet 2023.

At Caxton, we employ humans to generate daily fresh news, not AI intervention. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button