Amaqembu azomela uMaspala AbaQulusi eZululand aqokwe kwi-uMbhele Wethu Cultural Festival
UMbhele Wethu Cultural Festival ikhethe amaqembu azomela iBaQulusi emqhudelwaneni waseZululand.
UMkhandlu waBaQulusi ububambe umncintiswano wobuciko, i-Umbhele Wethu Cultural Festival, eKing Zwelithini Hall ngoLwesine, lapho amaqembu ahlukahlukene eqhudelane khona ngamakhono awo emikhakheni eyehlukene yobuciko namasiko.
Lo mncintiswano uba minyaka yonke, kanti kulesi sigaba bekuncintisana amaqembu aseBaQulusini kuphela ngenhloso yokuthola abazomela indawo emqhudelwaneni wesifunda iZululand.
Umphakathi weseke intsha ngobuningi
Umphakathi uphume ngobuningi ukuzothamela lo mcimbi, ukhombisa ukuwuthakasela nokweseka intsha ebonise amakhono ayo emculweni, emdansweni, ezinkondlweni, emidlalweni yeshashalazi nakweminye imikhakha yobuciko.
IMeya yoMkhandlu waBaQulusi, uSifiso Mkhwanazi, ithe iyaziqhenya ngokubona intsha yaseBaQulusini izimisele ukucija amakhono ayo. Iphinde yancoma bonke abangenele umncintiswano, yabakhuthaza ukuthi baqhubeke nokusebenza kanzima ngoba amakhono abo angabavulela amathuba empumelelo esikhathini esizayo.
Abaqokiwe bazomela iBaQulusi eZululand
Amaqembu azomela uBaQulusi emqhudelwaneni wesifunda iZululand yilawa:
- Amazayoni: Umfula Ongashi
- Amanazaretha: Emthonjeni Temple
- Afro Gospel: Amawundlu Esizwe
- Spiritual Gospel ngaphandle kwezinsimbi: Isiqalo Esihle
- Afro Pop: Costah the Vocalist
- Isicathamiya: Amaphikankani
- Maskandi: KaMageba
- Poetry: Amasalakubuzwa
- Drama: Abashana
- Ukushikila: Siphokazi Dlamini
- Hip Hop: Pheriph Phephukanabo
- Ingoma Yezintombi: Izimpande
- Ingoma Yezinsiwa: Amavala Mlomo
- Modern Dance: Original Stars
- Amapiano: The New Black
- Indlamu: Isiqalo
- Arts and Crafts: Izimpohlo Art & Crafts
IMeya ikhuthaza abangaphumelelanga
UMkhwanazi uphethe ngokukhuthaza amaqembu angaphumelelanga ukuthi angalahli ithemba, aqhubeke nokucija amakhono awo futhi afunde nokuhalalisela labo abaphumelele.
The news provided to you in this link comes to you from the editorial staff of the Vryheid Herald, a sold newspaper distributed in the Vryheid area.



