Sicela incazelo kumasipala waseNdumeni
Mhleli, Ngingomunye womphakathi waseSibongile onesifiso sokuthola incazelo kumasipala waseNdumeni. Kune advertisement eyayiku leliphaphandaba i-Courier yangenyanga kaSeptember eyayithi, “Bonke osomabhizinisi abadinga uxhaso lukamasipala (grant-in-aid) waseNdumeni mabafake izicelo zabo,” usuku lokuvala kwakungu mhlaka October 25, 2013. 1. Ngifisa ukwazi ukuthi ngesikhathi bezofaka le advert isivumelwano sabo sasitheni ngalabo abafake izicelo. Ngabe kwakumele balinde isikhathi esingakanani ngaphambi kokuba …

Mhleli,
Ngingomunye womphakathi waseSibongile onesifiso sokuthola incazelo kumasipala waseNdumeni. Kune advertisement eyayiku leliphaphandaba i-Courier yangenyanga kaSeptember eyayithi, “Bonke osomabhizinisi abadinga uxhaso lukamasipala (grant-in-aid) waseNdumeni mabafake izicelo zabo,” usuku lokuvala kwakungu mhlaka October 25, 2013.
1. Ngifisa ukwazi ukuthi ngesikhathi bezofaka le advert isivumelwano sabo sasitheni ngalabo abafake izicelo. Ngabe kwakumele balinde isikhathi esingakanani ngaphambi kokuba bathole izimpendulo?
2. Emveni kokuba izicelo sezifakiwe, nosuku lokuvalwa seludlulile, ikomidi lihlalile yini lacubungula lathola ukuthi bangaki izicelo zabo eziphumelele?
3. Kulabo abatholakale ukuthi izicelo zabo aziphumelelanga, bazisiwe yini bona ukuthi inkinga yabo ibekuphi?
4. Ubani umuntu okudingeka sithole kuyena ulwazi, nanokuthi kuseroom bani lapho kudingeka siyekhona sizokwazi ukuthola ulwazi ngalenkinga?
5. Yenake lowomuntu esizoya kuyena ukuyothola ulwazi nezincazelo ikomidi limnikezile yini izimpendulo eziphelele zethu ngoba asimundingi u-‘ANGAZI’ uma kukhona esikubuzayo.
6. Kulabo ke abaphumelelile ngokwezicelo zabo, iyiphi indlela abazo nikezelwa ngayo uxhaso lwabo?
Ngingabonga Mhleli, uma bebengasiphendula kulo iphephandaba lakho.
Ozithobayo
– Ilunga lomphakathi



