LettersOpinion

Ngabe kuyisiminya yini ukugqoka umfaniswano webandla noma kuphi?

Mnumzane, Kaningi sengike ngabona amanye amakholwa evunule umfaniswano weBandla egqokele umuntu oyothunwa, ibe kodwa loyo muntu ubengagqiziqakala ngenkonzo esaphila. Kwesinye isikhathi emlindelweni wangayizolo uzwe akade bephila naye sebekhononda besho nokusho ukuthi ‘awakhawule phela amaKholwa adedele bona ngoba bemazingcono’. Yini lena eyenza amaKholwa ambuluze nomasekuyofihlwa engabe phela adedela abamazi ngcono loyo oselifulathele leli? Ngabe kambe akululazi …

Mnumzane,
Kaningi sengike ngabona amanye amakholwa evunule umfaniswano weBandla egqokele umuntu oyothunwa, ibe kodwa loyo muntu ubengagqiziqakala
ngenkonzo esaphila. Kwesinye isikhathi emlindelweni wangayizolo uzwe akade bephila naye sebekhononda besho nokusho ukuthi ‘awakhawule phela amaKholwa adedele bona ngoba bemazingcono’.
Yini lena eyenza amaKholwa ambuluze nomasekuyofihlwa engabe phela adedela abamazi ngcono loyo oselifulathele leli?
Ngabe kambe akululazi iNkonzo ukufunza ngenkani umuntu obengayifuni sampela inkonzo? Ningizwe kahle bafundi belandaba enombuzo, kangahluleli neze. Kumele sixhase umndeni wohambile ngokuba nawo kuze kubesekugcineni, kepha ngokuvunula kade lowo ezihambela neziwengu zakhe: CHA, CHA, BO!
Ngicela ngokukhulu ukuzithoba ukuba ningiphendule BaFundisi naniMakholwa.
Yimina ofisa ukuboniswa.
Vincent Mseleku

At Caxton, every story is written by humans. We use AI only to perform quality checks - never to generate the news. Happy reading!

Support local journalism

Add The Citizen as a preferred source to see more from Northern Natal News in Google News and Top Stories.

Related Articles

Back to top button