Siyahlukunyezwa emapulazini ethu e-Wasbank
Mhleli Ngqongqoshe wethu singabahlali base mapulazini iNhlanhleni, Trustee, Strathern, farm, Mooi Spruit kanye ne Meran, sihlukumezekile kulama pulazi, yingakho sabhala lencwadi esayiletha kuwena, Sizilahla kuwena ngoba kade sibhala izincwadi zingafiki kuwena. Sacela ukuba usiphe i-date yokuthi sibe nawe, incwadi sayishiya ku Sihle Gumede sicela ukuba asihlanganise nawe kodwa akaze asiphendule kanti nocingo lwakhe ebengalibambi. Siyagqilazeka …

Mhleli
Ngqongqoshe wethu singabahlali base mapulazini iNhlanhleni, Trustee, Strathern, farm, Mooi Spruit kanye ne Meran, sihlukumezekile kulama pulazi, yingakho sabhala lencwadi esayiletha kuwena, Sizilahla kuwena ngoba kade sibhala izincwadi zingafiki kuwena. Sacela ukuba usiphe i-date yokuthi sibe nawe, incwadi sayishiya ku Sihle Gumede sicela ukuba asihlanganise nawe kodwa akaze asiphendule kanti nocingo lwakhe ebengalibambi. Siyagqilazeka kulapulazi, Amapulazi esawathengelwa ngu hulumeni athathwa anikezwa abantu esingabazi.Abanye balabantu ngase Wsabank e Dundee bathi banikezwa yikhansela. Amanye alamapulazi izinkomo ziyadayiswa ngabantu okukholakala ukuthi bafakwa nguMnyango.
Kungaba yintokozo mangabe isikhalazo sethu siwumphakathi singabhekelelwa njengoba sesithinte wena Ngqongqoshe Themba Mthembu.
Siyethemba ukuthi uNgqongqoshe wethu uzoselekelela.
Abagqilazekile nabzithobayo emapulazini



